NGATHI

Egameni lika Allaah Onomusa Onesihawu.

UAllaah Ta’ala uthi kwi Qur’aan Eyingcwele :

اليَومَ أَكمَلتُ لَكُم دينَكُم وَأَتمَمتُ عَلَيكُم نِعمَتى وَرَضيتُ لَكُمُ الإِسلـٰمَ دينًا

Namuhla Nginiphelelisele inkolo yenu, Ngaphelelisa futhi izibusiso zaMi kini, futhi Nginikhethele i-Islam njengenkolo yenu. (Surah Maa’idah, ivesi 3)

Leli vesi le Qur’an Eyingcwele lembulwa ngelanga le Hajjatul Wadaa (i Hajj yokugcina). Kuleli vesi sitshelwa ngokusobala ukuthi inkolo yethu – inkolo ye Islam- iphelele. Inkolo ye – Islam yiyo kuphela eyamukelekile nethandwayo ngu Allaah Ta’ala, futhi iyohlala isesimweni sayo kuze kufike usuku lokwahlulela.

Ngazo zonke izikhathi, uAllaah Ta’ala ukhetha izinceku zekhethelo ukuze zilondoloze futhi zivikele i – Islam. Lezi nceku zigqugquzela izimfundiso ze Qur’aan ne Hadith ziphinde ziqondise izinkolelo (aqaa’id) ze- Islam kubantu. Zenza imizamo yokusabalalisa inkolo ephelele kumphakathi injengoba injalo njenganalokho yayidluliswe kwi ummah ngama Sahaabah (radhiyallahu ‘anhum), ama Tabi’een (rahimahumullah), kanye nabanye abalandeli abanobuqotho.

Le nkundla yokuxhumana inenhloso efanayo – ukunikeza umphakathi izimfundiso eziqondile neziphelele ze- Islam ezithathwe kwimithombo eqinisekisiwe nethembekile yenkolo. Sengathi uAllaah angamukela lo mzamo, awenze ube yindlela yokuhlomulisa umphakathi ngokuphelele – aameen.

Kufanele kuqashelwe ukuthi le nkundla yokuxhumana iqhutshwa ngenhloso nangaphansi kweso lika Hadhrat Mufti Ebrahim Salejee (umphathi (Principal) we Madrasah Ta’leemud Deen, Durban – eSiphingo Beach).

Umlando ofingqiwe ka Mufti Ebrahim Salejee (daamat barakaatuhu)

UHadhrat Mufti Ebrahim Salejee wathola iziqu zakhe eDaar – ul- Uloom Doeband. Uyinceku ephezulu ka Hadhrat Maulana Maseehullah Khan (rahimahullah) wase Jalalabad no Hadhrat Mufti Mahmoodul Hasan (rahimahullah) wase Gangohi.

EDaarul Uloom Doeband, wabusiseka ngokuthi afunde ngaphansi kwezingqalabutho ezifana no Qaari Tayyib, Hadhrat Mufti Mahmoodul Hasan Gangohi, Hadhrat Maulana Anzar Shah Kahmeri (rahimahumullah) nabanye.

UHadhrat Mufti Ebrahim Salejee (daamat barakaatuhu) uphinde wabusiswa ngu Allaah Ta’ala ngokuthi enze umsebenzi oncomekayo kumkhakha we Tazkiyah ne  Tasawwuf. Khona – njalo, kuphinde kube nenqwaba yezikhungo zokufunda (madrasahs) nezinye izikhungo zezenkolo eziqhutshwa ngaphansi kobuholi nokuqapha kwakhe.

Abantu abaningi bazihlanganise no Mufti Ebrahim Salejee (daamat barakaatuhu) ngenhloso yokuvuseleleka nokwakheka. Bathamela izinhlelo zakhe ezibakhona njalo ngesonto lapho esuke ekhuluma ngezihloko ezithinta ukuhlanjululwa komphefumulo nezinye izihloko ezifuze lesi, lapho bathola ithuba lokuqinisa ukholo lwabo kanye nokwenza ngcono izimpilo zabo.

Emuva kokuthola iziqu eDaar – ul- Uloom Doeband, UHadhrat Mufti Ebrahim Salejee (daamat barakaatuhu) wabuyela eNingizimu Afrika lapho wafika wasungula imadrasah ebizwa iTa’leemuddeen ekhaya lakhe. Alhamdulillaah, namuhla le madrasah ibalwa namanye ama madrasah avelele eNingizimu Afrika, lapho amakhulu abafundi bancela khona ulwazi lwenkolo bese belusabalalisa umhlaba wonke.

Sinxusa uAllaah Ta’ala ukuthi Abusise UHadhrat Mufti Salejee (daamat barakaatuhu) ngempilo enhle nende, nokuthi sengathi umphakathi ungaqhubeka uzuze kuye – aameen.