UHadrat Ali (radiyallahu anhu) Ulayezwe Ukuthi Awise Amathuna Abhidlize Izithixo futhi Asuse Izithombe
UHadrat Ali (radiyallahu anhu) ubika uthi ngelinye ilanga uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wahamba waya emncwabeni welinye iSahaabi (umlandeli KaRasullullah). Wase ekhuluma namaSahaabah (radiallahu anhum) lawa kade ekhona ethi kuwo, “Ubani phakathi kwenu uma ozuyela eMadina Munawwarah, uma ebona isithixo noma ikhuphi uyosibulala, uma ebona ithuna elakheliwe uyoliwisa futhi uma ebona izithombe uyozikhipha?
Ngokuzwa lokho, elinye iSahaabi lavuma lathi, “Yimina engizo kwenza njalo, o Sithunywa sikaAllah!” kodwa ngenkathi sebezongena edolobeni laqala iSahaabi langenwa ukusaba abantu balo lase libuyela kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) lachaza ukungakwazi kwalo ukwenza lokho elikuvumile. Ngalesosikhathi kade kukhona uHadrat Ali (radiyallahu anhu) wase ethi kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), “Yimina engizohamba, O Sithunywa sikaAllah!”
UHadrat Ali (radiyallahu anhu) wase ehamba eya eMadina Munawwarah waqedela lomsebenzi kade enikwe wona. Ngenkathi ebuya wathi kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), “Angishiyanga sithixo edolobeni ngaphandle kokuthi ngisibulele futhi angishiyanga ithuna ekadr lakheliwe ngaphandle kokuthi ngiliwisile futhi angishiyanga sithombe ngaphandle kokuthi ngisikebulile.”
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ethi, “Umuntu obuyela kulezinto (ezithixweni, ukwakhela amathuna nokwenza izithombe) ukhombisa ukungahloniphi nokubonga lokhu okwethulwa kumprofethi uMuhammed (sallallahu alayhi wasallam).”
Kulendaba siyabubona ubuqhawe nesibindi sikaHadrat Ali (radiyallahu anhu) nokulangazelela kwakhe ukulandela iziyalo zikaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).