Wudhu

Ubuhle Bewudhu

16. Yenza imasah yengemuva lomqala usebenzisa ingemuva leminwe. Ungafiki kwingaphambili lomqala.

UHadhrat Abdullah bin Umar (sengathi uAllaah angagculiseka ngaye) ubika ukuthi uHadhrat Rasulullah (ukuthula kube kuye) wathi, "Lowo owenza iwudhu, enze imasah yengemuva lomqala, uyovikelwa kumgexo (womlilo) ngosuku lokwahlulela".

Read More »

Ubuhle Bewudhu

11. Yenza ikhilaal yentshebe. Ikhilaal yentshebe yenziwa ngokuthi udlulise iminwe emanzi entshebeni (kusuka ngaphansi kwesilevu). Ikhilaal yentshebe kufanele yenziwe yilabo abanentshebe enkulu niminyene. Uma intshebe incane ngendlela yokuthi isikhumba siyabonakala, asikho isidingo sekhilaal kunalokho geza ubuso uqikelele futhi uqinisekise ukuthi amanzi afinyelela yonke indawo.

Read More »

Ubuhle Bewudhu

8. Uma uzilile, qikelela uma uhlanza umlomo namakhala, ungahlanzi mawala ngoba amanzi angagcina esehla ngomphimbo okungaholela ekwaphukeni kokuzila.

UHadhrat Laqeet bin Samurah (radhiyallahu anhu) uthi, "Ngake ngabuza uRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) ngewudhu".Waphendula wathi, "Yenza iwudhu ephelele nengenamaphutha. Qinisekisa ukuthi uyayenza ikhilaal yeminwe (ukudlulisa iminwe emanzi phakathi kweminye) futhi uhlanzisise ikhala, ngaphandle uma uzilile".

Read More »

Ubuhle Bewudhu

5. Xubha umlomo ngomiswaak. Hlikihla amazinyo (uvundle) nolimi (wehle wenyuka). Uma umiswaak ungekho, sebenzisa umunwe.

UHadhrat Aishah (radhiyallahu anha) ubika ukuthi uHadhrat Rasulullah (sallallahu alaih wasallam) wathi, "Umkhuleko owenza uqeda kuxubha ngomiswaak unesisindo esingamahlandla aphindwe ngamashumi ayisikhombisa futhi unomvuzo omkhulu kunomkhuleko owenziwe ungaxubhanga ngomiswaak."

Read More »

Indlela Eyisunnah Yokwenza Iwudhu

1. Hlala endaweni ephakeme (isibonelo: isihlalo) ubheke eQiblah. Indawo owenzela kuyo iwudhu kufanele kube ehlanzekile.

UHadhrat Abu Khair (rahimahullah) ubika ukuthi kwalethelwa uHadhrat Ali (radhiyallahu ‘anhu) isihlalo, wahlala (ebabonisa indlela uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) ayenza ngayo iwudhu). Wacela ukuthi kulethwe isitsha (ujeke) esinamanzi. Waqala wageza izandla kathathu (wageza izandla kuze kufike ezihlakaleni kathathu).

Read More »

Ubuhle Bewudhu

1. Iwudhu ihlambulula izono ezincane.

UHadhrat Uthman (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alaih wasallam) wathi, "Lowo owenza iwudhu, futhi eyenza ngendlela efanele, izono zakhe (ezincane) ziyahlanjululwa emzimbeni kuphume ngisho ezingaphansi kwezinzipho."

Read More »