Monthly Archives: June 2025

Qiyaam (ukuma)

1. Uma wenza inhloso yokwenza isalaah, sukuma ubhekise kwiKiblah. 2. Emvakwalokho, yenza inhloso yeSalaah (umthandazo) ozowenza ubese uphakamisa izandla zifike ezindlebeni, izithupha zakho ziqondane nengxenye yezindlebe ethambile. 3. Uma usukumela ukwenza iSalaah sukuma ngenhlonipho enkulu. Bhekisa izinyawo zakho kwiKiblah ushiye isikhala esilingana neminwe ewu (4) phakathi kwazo. Uma wenza iSalaah …

Read More »

IDurood KaAbul Fadl Qoomasaani (rahmatullah alayhi)

UHadrat Abul Fadl Qoomasaani (rahmatullah alayhi) uthi: Kwake kwafika umlisa wase ndweni ekuthiwa iKhurasaan wathi kimi, “Ngenkathi ngiseMadina Munawwarah, ngabona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ephupheni wase ethi kimi, ‘Uma uhamba uya eHamdaan, ngidlusele iSalaam (ungikhonzele) kuAbul Fadhl Zeeruk.’ Ngase ngimbuza uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), O Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam), yini …

Read More »

UAllah Uphendula IDua (umkhuleko) KaHazrat Sa’d (radiyallahu anhu)

IDua Ekhethekile KaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) UHadrat Ayesha ingane kaHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) ibika lokhu okulandelayo ekusuka kubaba wakhe: Ngenkathi kuyimpi yaseUhud, (ngenkathi izitha ziqhamuke ngemuva kwethu kwabulawa amaSahaabah (radiallahu anhum) amaningi kakhulu kulempi), amaSahaabah (radiyallahu anhum) kade engamboni uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) futhi enyakaza edidekile. Ngalesosikhathi mina ngahamba ngamela …

Read More »

Tafseer – ISINGENISO

Inkolo efanelwe ukwamukelwa umehlweni kaAllah iIslaam kuphela. KwiKuraan uAllah uthi: اِنَّ الدِّينَ عِندَ اللّٰهِ الْاِسْلَامُ “Ngempela Inkolo eyamukelekile emehlweni kaAllah iIslaam kuphela.” Ngokuza kwaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) emhlabeni konke ubuprofethi bazo zonke izithunywa buyaphela futhi akuvumelekile ukuthi ulandele enye inkolo ngaphandle kweIslaam. Ukuqhathaniswa kobuso nokukhaya kwaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) nabanye …

Read More »

Ngaphambi Kokwenza ISalaah – 2

5. Ngaphambili kokuthi uqale iSalaah, qinisekisa ukuthi izingubo zakho zifanelekile futhi aziwubambi umzimba. Gwema ukugqoka izingubo ezingahambiselani nenhlonipho yeSalaah, futhi ugweme ukugqoka izingubo ezinemibhalo nezithombe. 6. Qinisekisa ukuthi wenza iSalaah ugqoke isigqoko esifanelekile ngoba lokhu kade kuyisenzo sikaHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) futhi namaSahaabah (radiyallahu anhum) kade ejwayele ukwenza iSalaah …

Read More »

Izindaba Ezinhle Ngokungena KwaHadrat Sa’d bin Abi Waqqaas (radiyallahu anhu) EJannah

Iphupho LaHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) Ngaphambili Kokuthi Amukele iIslaam UHadrat Sa’d ulandisa uthi: Ngaphambili kokuthi ngamukele iIslaam ngaba nephupho la ngibona khona ubumnyama kuphela kade ngingakwazi ukubona lutho. Kungazelelwe kwase kuvela inyanga eyase ikhanyisa ubusuku ngabe sengilandela lokukhanya ngaze ngafika enyangeni. Ephupheni ngabona abantu abangdlulile bafika kuqala enyangeni. Ngabona uZaid …

Read More »