Qiyaam (ukuma)

1. Uma wenza inhloso yokwenza isalaah, sukuma ubhekise kwiKiblah.

2. Emvakwalokho, yenza inhloso yeSalaah (umthandazo) ozowenza ubese uphakamisa izandla zifike ezindlebeni, izithupha zakho ziqondane nengxenye yezindlebe ethambile.

3. Uma usukumela ukwenza iSalaah sukuma ngenhlonipho enkulu. Bhekisa izinyawo zakho kwiKiblah ushiye isikhala esilingana neminwe ewu (4) phakathi kwazo. Uma wenza iSalaah nebandla, qondisa umugqa futhi nime ngokusondelana ngaphandle kokushiya isikhala phakathi kwenu. Akumele umise izinyawo kuze kufike ekutheni izinzwane zoyedwa zithinta omunye.

4. Uma uphakamise izandla uzilethe ezindlebeni, qinisekisa ukuthi izithende zezandla zibhekise kwiKiblah futhi iminwe ivuleke ngokujwayelekile (kuchaza ukuthi awuqinisi futhi awuthambisi)

5. Ngenkathi usho iTakbeer-e-Tahreem (ukuthi Allahu Akbar), qinisekisa ukuthi ikhanda lakho liqondile. Akumele ulibhekise phansi noma ulibhekise phezulu uma usho iTakbeer-e-Tahreem.

About admin

Check Also

Isiyalo Kulaba Abangayenzi ISalaah Yabo Nenhlangano EMasjid

Kade kuyisifiso esikhulu sikaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ukuthi amadoda esizwe sakhe enze iSalaah ngokuhlangana eMasjid. …