IDurood KaAbul Fadl Qoomasaani (rahmatullah alayhi)

UHadrat Abul Fadl Qoomasaani (rahmatullah alayhi) uthi:

Kwake kwafika umlisa wase ndweni ekuthiwa iKhurasaan wathi kimi, “Ngenkathi ngiseMadina Munawwarah, ngabona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ephupheni wase ethi kimi, ‘Uma uhamba uya eHamdaan, ngidlusele iSalaam (ungikhonzele) kuAbul Fadhl Zeeruk.’ Ngase ngimbuza uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), O Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam), yini isizathu salokho?’ uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waphendula wathi,”kungenxa yokuthi ufunda leDurood kimi ngaphezulu kwa (100) ngosuku.

اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ النَّبِيِّ الْأُمِّيِّ وَعَلٰى آلِ مُحَمَّدٍ جَزٰى اللهُ مُحَمَّدًا صَلّٰى اللهُ عَلَيْهِ وَسَلَّمَ عَنَّا مَا هُوَ أَهْلُهُ

O Allah thumela izikhonzo zakho kuMuhammed ongakhulumi ngokwakhe nomdeni kaMuhammed (sallallahu alayhi wasallam) engathi uAllah angangibusisela umprofethi uMuhammed ngesisbusiso esimfanele.

UHadrat Abul Fadl waqhubeka wathi, “Lomuntu wafunga ngoAllah ukuthi akaze angibone phambilini waze wayaleza uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ukuthi adlullise umyalezo, ngase ngifuna okusamphuphu, wanqaba ethi, ‘Akusiyona inhloso yami ukuthi ngikudayisele umyalezo kaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) “‘. Wase wahamba angikaze ngaphinde ngambona futhi.”‘

Indlela Yokuziphatha EMadeenah Munawwarah

9. Qinisekisa ukuthi uvakashela ithuna elibusisekile elikaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam). Thumela iSalaam kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ekupheleni kwawonke amaSalaah.

10. Zama ukusho iDurood ewu (1000) ukuyaphezulu nsuku zonke.

11. Gwema ukwenza izinxgoxo eMusjid Nabawi.

12. Yenza amaRakaat amabili aweShukar (ukubonga) ngokuvamile futhi ubonge uAllah ngokubusisa akulethe kulendawo engcwele.

About admin

Check Also

IDurood Enokwelapha Kwazo Zonke Izifo

Lendaba elandelayo ebhaliwe ebhukwini ekuthiwa i’Nuzhah’: Kwaku khona omuntu oyinceku okade segula kakhulu ngenxa yokuthi …