Igama LikaHazrat Nabi (Sallallahu alayhi wasallam) Encwadini YeTaurah

U-Allaamah Sakhaawi (rahmatullah alayhi) uyalandisa: Kwake kwaba khona umuntu omubi phakathi kwaBani Israeel. Ngenkathi edlula emhlabeni, abantu bangamhloniphi futhi bamane bashiya isidumbu sakhe phansi. UAllah Ta’ala ke wembula kuMusa (alayhisalaam), “O Musa, mgeze futhi wenze umngcwabo, ngokuba ngimthethelele izono zakhe futhi ngamxolela.” U-Moosa wabuza, ‘”O Allah Ta’ala, siyini isizathu salokhu?” UAllah Ta’aala waphendula, “Ngesinye isikhathi, amehlo akhe awela egameni lika UMuhammad (sallahu alayhi wasallam) encwadini ye-Taurah futhi wabala iDurood kuNabi (sallahu alayhi wasallam). Ngenxa yalesi senzo, ngimthethelele.

About admin

Check Also

Ukukhanya KweDurood KuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)

UHadrat Abul Qaasim Marwazi (rahmatullah alayhi) ubika uthi: Mina nobaba wami kade sijwayele ukufunda amaHadeeth …