Ukaazi Iyaaz (rahmatullah alayhi) kade engumuntu ohamba phambili ngokusho amaHadeeth esikhathini sakhe. Walungisa iKitaab ebizwa ngeAl-Shifaa emayelana namalungelo kaRasullullah nokuthumela iDurood kuye.
Kubikiwe ukuthi umshana kaKaazi Iyaaz (rahmatullah alayhi) wake wambona umalume, uKaazi Iyaaz (rahmatullah alayhi) ephupheni ehleli noRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) esihlalweni sobukhosi esakhiwe ngegolide. Ngokubona lenhlonipho nokusondela kwamalume wakhe kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), lokhu kwamcabangisa futhi kwamthusa.
Ngenkathi uKaazi Iyaaz (rahmatullah alayhi) wathola ulwazi ngephupho likamshana wakhe nokuthuka kwakhe, wathi kuye’ “O mshana wami! Bambelela kwiKitaab yami, iAs-Shifaa, futhi uyisebenzise ukuthi uthole ukwamukelwa uAllah!”
Ngalendlela, uKaazi Iyaaz wachazela umshana wakhe ukuthi isizathu sokuthi athole ukusondela kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) kade kungenxa yeKitaab yakhe iAs-Shifaa, ekade igcwele iDurood kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) nezindaba zothando elikaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).
Alislaam.com – Zulu