Sahaabah

U-Hazrat Abdur Rahmaan bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) Usebenzisa Ingcebo Yakhe Ohambweni Lwempi YaseTabuk

U-Hazrat Abdur Rahmaan bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) Usebenzisa Ingcebo Yakhe Ohambweni Lwempi YaseTabuk Ngesikhathi u-Allah Ta’ala eyalela uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) ukuba ahambe aye empini yaseTabuk, amaSahaabah amaningi ayengenazo izinsiza ezanele ngaleso sikhathi zokwenza lolu hambo olude nolunzima, ikakhulukazi njengoba ayelindele ukubhekana nebutho lamaRoma empini—ibutho elalihlome kahle futhi elalinabantu abaningi. …

Read More »

URasulullah (sallallahu ‘alayhi wasallam) Ebopha ITurban (isigqoke esinendwango) Ekhanda likaHazrat Abdur Rahmaan bin Auf (radhiyallahu ‘anhu)

Ukuqokwa kukaHazrat Abdur Rahmaan bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) nguRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) njengomholi webutho eliya eDumatul Jandal Ngonyaka wesithupha ngemuva kweHijrah, ngenyanga kaSha’baan, uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wakhuluma noHazrat Abdur Rahmaan bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) wathi kuye, “Lungiselela uhambo, njengoba ngizokuthumela ohambweni lwezempi, kungaba namuhla noma kusasa, uma uAllah ethanda …

Read More »

Ukwesaba kukaHazrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) Ukubuzwa Ngezenzo Zakhe Noma Ngabe Kade Esebenzisa Umcebo Wakhe Ngenxa Yenkolo (iDeen)

Ukwesaba kukaHazrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) Ukubuzwa Ngezenzo Zakhe Noma Ngabe Kade Esebenzisa Umcebo Wakhe Ngenxa Yenkolo (iDeen) UShu’bah (rahimahullah) uyalandisa: ‘Ngelinye ilanga , uHazrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) wayezilile futhi ngesikhathi sokuqeda ukuzila (i-iftaar), kwalethwa ukudla phambi kwakhe. Lapho ebona ukudla, uHazrat Abdur Rahman bin …

Read More »

Ukuphana kukaHazrat Abdur Rahmaan bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) 

Ukuphana kukaHazrat Abdur Rahmaan bin Auf (radhiyallahu ‘anhu)  UMiswar bin Makhramah (rahimahullah) uyabika: UHazrat Abdur Rahmaan bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) wake wathengisa ngensimi yamagrebisi kuHazrat Uthman (radhiyallahu ‘anhu) ngezinkulungwane ezingamashumi amane zamadinaar. Ngenkathi uHazrat Abdur Rahmaan (radhiyallahu ‘anhu) ethola imali kuHazrat Uthmaan (radhiyallahu ‘anhu), ngokushesha wabe eseyabela amakhosikazi abusisiwe kaRasulullah …

Read More »

Izindaba Ezijabulisayo zokungena eJannah kuHazrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu)

UHazrat Abdur-Rahman bin Awf (radhiyallahu ‘anhu) Uhola i-Salaah Ohambweni lwaseTabook, amaSahaabah (radhiyallahu ‘anhum) ayehamba noRasulullah (sallallahu ‘alayhi wasallam). URasulullah (sallallahu ‘alayhi wasallam) washiya amaSahaabah (radhiyallahu ‘anhum) ukuze ayozikhulula. Njengoba sasingekho isikhathi esiningi esasisele somthandazo we-Fajr salaah, futhi amaSahaabah (radhiyallahu ‘anhum) ayesaba ukuthi isikhathi sizophela, abazange bamlinde uRasulullah (sallallahu ‘alayhi wasallam) …

Read More »

UHazrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) ungomunye wabangcono kakhulu phakathi kwamaMuslim.

UHazrat Abdur Rahman bin Auf (radhiyallahu ‘anhu) ungomunye wabangcono kakhulu phakathi kwamaMuslim.  Ngelinye ilanga, u-Rasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wabuza u-Hazrat Busrah bintu Safwaan (radhiyallahu ‘anha) ngokuthi yimuphi umuntu owayehlongoze ukushada nomshana wakhe, Ummu Kulthoom bintu Uqbah. Wamazisa ngamagama abantu abambalwa ababecele umshana wakhe, futhi wamazisa nokuthi phakathi kwabantu ababecele umshana …

Read More »

UHazrat Talhah (radhiyallahu ‘anhu) eMpini yase-Uhud

UHazrat Talhah (radhiyallahu ‘anhu) eMpini yase-Uhud Mayelana nokuphikelela kukaHazrat Talhah (radhiyallahu ‘anhu) eMpini yase-Uhud, uHazrat Sa’d bin Abi Waqqaas (radhiyallahu ‘anhu) ubalule okulandelayo: Kwangathi u-Allah Ta’ala angaba nomusa kuTalhah. Ngokungangabazeki, kithi sonke, wasiza uRasulullah (sallallahu ‘alayhi wasallam) kakhulu ngoSuku lwase-Uhud. UHazrat Sa’d (radhiyallahu ‘anhu) wabe esebuzwa, “Sichazele ukuthi (wamsiza kanjani …

Read More »

Umlamu kaRasulullah (sallallahu ‘alayhi wasallam)

Umlamu kaRasulullah (sallallahu ‘alayhi wasallam) UHazrat Talhah (radhiyallahu ‘anhu) wayeshade namakhosikazi amane. Ngamunye kumakhosikazi akhe amane wayengudadewabo womunye wamakhosikazi ahlonishwayo kaRasulullah (sallallahu ‘alayhi wasallam). Kungalesi sizathu-ke u-Rasulullah (sallallahu ‘alayhi wasallam) wathi kuye, “(Wena) ungumlamu wami kulo mhlaba nakwelizayo (okungukuthi futhi uyoba umlamu wami eJannah).” (Al-Ahaadithul Mukhtaarah# 847) UAllah Ta’ala wayekhethe …

Read More »

Izindaba Ezijabulisayo ZeJannah (ukungena ezulwini) kuHazrat Talhah (radhiyallahu ‘anhu)

Ukuphana Okudlulele kukaHazrat Talhah (radhiyallahu ‘anhu) Unkosikazi kaHazrat Talhah (rahdiyallahu ‘anhu), u-Su’da bint ‘Awf al-Muriyyah ubalule isigameko esilandelayo mayelana nomyeni wakhe uHazrat Talhah (radhiyallahu ‘anhu): “Ngolunye usuku, uTalhah wangena endlini ekhathazekile. Lapho ngimbona ekulesi simo, ngathi kuye, ‘Kungani ngikubona udabukile futhi ukhathazekile? Ikephi inkinga? Ingabe khona okuthile engikwenzjle ngenxa yalokho …

Read More »

Ukuthola Isiqu Sika-Al-Fayyadh ku-Rasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam)

Ukuthola Isiqu Sika-Al-Fayyadh ku-Rasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) UHazrat Rasulullah (sallallahu ‘alayhi wasallam) unikeze uHazrat Talhah (radhiyallahu ‘anhu) igama elithi Talhah Al-Fayyaadh (umuntu ophane ngokwedlulele) izikhathi ezimbili. Ngezansi esinye sezenzakalo ezinjalo: Ngenkathi sempi yaseZi-Karad, uHazrat Rasulullah (sallallahu ‘alayhi wasallam) wadlula ngasemthonjeni waseBaysaan. Amanzi alomthombo kwakwaziwa ukuthi ayababa. UHazrat uRasulullah (sallallahu ‘alayhi …

Read More »