Uthando Olujulile LikaRasulullah
Ngelinye ilanga Kade ngigula ngavakashelwa uRasulullah ngenkathi engen endlini yami. Kade ngilele phansi. Ngenkathi engibona kuleso simo, uRasulullah wasondela eceleni kwami wase ethatha itshali ekade eligqokile wangimboza ngalo. Emvakwalokho,ngenkathi uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ebona ubuthakathaka bami,wasukuma wahamba waya eMusjid wenza iSalaah eyiNafil (engayona impoqo) emvakokuthi enze iNafil wacela ukuthi uAllah angibusise ngokungilapha. Wase uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ebuyela kimi wathatha itshali lakhe kumina wase ethi kimi,”sukuma,O ngane kaAbu Taalib ngoba usulaphiwe ngase ngasukuma ngazizwa ngilaphiwe futhi zingasekho izimpawu zokugula emzimbeni wami.
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ethi,” Njalo uma ngenza iDua, uAllah uyayamukela futhi anginike lokhu engikucelile. Ngase ngicelela nawe.
Kulendaba sibona uthando olukhulu likaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) laHadrat Ali. Futhi sibona isenzo saRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ukuthi uma sigula kumele sicele uAllah ukuthi aselaphe ngoba yonke into isemandleni kaAllah.