IDurood Nokudumisa Okuhle Kakhulu

Kubikiwe ukuthi uAbu Muhammad, Abdullah Al-Mowsili okade edume ngokubizwa ngoIbnul Mushtahir futhi kade eyinceku esho lokhu okulandelayo:
“Umuntu ofisa ukudumisa uAllah ngendlela enhle kakhulu kunayoyonke indalo eyake yamdumisa uAllah phakathi kwabantu kusukela kulo owafika kuqala kuze kufike kulo oyofika kugcina, izingilosi ezisondele nabahlali basemazulwini nasemhlabeni futhi ufisa ukuthumela imikhonzo kumprofethi Muhammad ngendlela enhle kakhulu kunawo wonke umuntu owamkhumbula futhi ufisa ukucela u Allah into enhle kakhulu kunawowonke umuntu eyake yacelwa indalo ka Allah kumele asho lokhu okulandelayo:

اَللّٰهُمَّ لَكَ الْحَمْدُ كَمَا أَنْتَ أَهْلُهُ فَصَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ كَمَا أَنْتَ أَهْلُهُ وَافْعَلْ بِنَا مَا أَنْتَ أَهْلُهُ فَإِنَّكَ أَهْلُ التَّقْوٰى وَأَهْلُ الْمَغْفِرَةِ

O Allah uwe kuphela ofanele ukudumiswa ngaleyondlela thumela imikhonzo kuMuhammad ngendlela efanelwe uwe futhi usiphathe ngendlela efiswa nguwena, ngoba ngempela uwena inkosi efanele ukusatshwa futhi uwe inkosi efanelwe ukuthethelela. 
AmaSunnat Nendlela Yokuziphatha EMadeenah
  1. Emva kokwenza iHajj neUmrah qinisekisa ukuthi uyahamba uye eMadeenah Munawwarah uyovakashela ithuna elibusisekile elikaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam). UHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi kwenye iHadeeth, “Umuntu owenza iHajj ngaphandle kokungivakashela ukhombise ukungangihloniphi.”
  2. Uma uvakashela ithuna elibusisekile elikaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) kumele ukhumbule leHadeeth. “Umuntu ovakashela ithuna lami, ukumkhulumela kuyimpoqo kimi (ngosuku lokwahlulela).
  3. Yenza iGhusal (ukugeza), ugqoke izingubo zakho ezinhle kakhulu ufake amakha anuka kamnandi ngaphambili kokuthi uyobingelela ethuneni likaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).

About admin

Check Also

AmaDurood Amahlanu KaImaam Shaafi’ee (rahmatullah alayhi)

Kubikiwe ukuthi emvakokushona kukaImaam Shaafi’ee (rahmatullah alayhi) khona umuntu owambona ephupheni wase embuza into eyamnikeza …