ISalaah inesikhundla esiphakeme kakhulu empilweni yeMuslim engayidingi incazelo. Ngokuthi into eyokuqala oyobuzwa ngayo ngosuku lokwahlulela kwanele njengobufakazi.
UHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi :
إن أول ما يحاسب الناس به يوم القيامة من أعمالهم الصلاة قال يقول ربنا جل وعز لملائكته وهو أعلم انظروا في صلاة عبدي أتمها أم نقصها فإن كانت تامة كتبت له تامة وإن كان انتقص منها شيئا قال انظروا هل لعبدي من تطوع فإن كان له تطوع قال أتموا لعبدي فريضته من تطوعه ثم تؤخذ الأعمال على ذاكم (سنن أبي داود، الرقم: 864)
Ngempela isenzo abantu abayo buzwa ngaso kuqala. Umdali wethu uyothi ezingilosini zakhe, bheka kumaSalaah esigqila sami, ngabe uyenze ngokuphelela nangendlela efanelekile noma kunamaphutha? “Uma iSalaah yakhe eyenze ngokuphelela nangendlela enhle uyo bhalelwa isibusiso esiphelele. Uma kunamaphutha kwiSalaah yakhe uAllah uyothi ezingilosini, Gcwalisela amaphutha akhe ngokubheka amaSalaah lawa kade ezenzela ngokwakhe. Emva kwalokho eminye imikhonzo iyolandela ngokufana.