Othanda UAllah NoRasulullah (sallalallahu alayhi wasallam)

Ubuqhawe BaHadrat Ali (radiyallahu anhu) empini yaseKhaybr

Ngenkathi kuyimpi yaseKhaybr, emvakokuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) anikeze uHadrat Ali (radiyallahu anhu) ifulegi yeIslam, uHadrat Ali (radiyallahu anhu) wahola ibutho lamaSahaabah (radiyallahu anhum) enqabeni laseQamoos.
Ngenkathi besondela enqabeni, isosha ekade liyijuda elalibizwa ngoMarhab ekade lidumile lasondela lizoqophisana nabo. UMarhab kade eyisosha elidumile ngamandla nobuqhawe bakhe. Kepha-ke ngenkathi uHadrat Ali (radiyallahu anhu) ebhekene noMarhab empini, waqala waziqhayisa ngalamazwi alandelayo:

قَدْ عَلِمَتْ خَيْبَرُ أَنِّيْ مَرْحَبُ

Abantu base Khaybr bazi kahle ukuthi nginguMarhab

شَاكِيْ السِّلَاحِ بَطَلٌ مُجَرَّبُ

Ngiyisosha elifundile futhi elinolwazi ngezimpi

إِذَا الْحُرُوْبُ أَقْبَلَتْ تَلَهَّبُ

(ngiveza amandla ami nobuqhawe bami) ngenkathi kuliwa uma sekusuke impi
Ngokusho lamazwi, ube esefuna ukubona ukuthi ubani ozosondela aqophisane naye ngokulwa. Ngokusabela kulokuqophisana kwakhe kwaphuma uHadrat Aamir bin Akwa. UHadrat Amir bin Akwa wabhekana noMarhab wase esho lamazwi alandelayo

قَدْ عَلِمَتْ خَيْبَرُ أَنِّيْ عَامِرُ

Abantu baseKhaybr bazi kahle ukuthi nginguAamir

شَاكِيْ السِّلَاحِ بَطَلٌ مُغَامِرُ

Ngiyisosha elifundile futhi elingena phakathi empini liyolwa
Baqala baqophisana bobabili, washaya kuqala uMarhab. Washaya uAaamir ngenkemba yakhe wase uAamir evika ngesihlangu sakhe. Ukushaya kwaMarhab kade kunamandla amakhulu ngoba ngenkathi eshaya wasihlepula isihlangu. Yase yasalela khona inkemba yakhe. Wase uAamir ethola ithuba lokuthi amshaye ngaphansi kwesihlangu sakhe, wase evika uMarhab wavele wazilimaza ngendle yokuthi kwamlethela ukufa.
Emvakwalokho kwase kuphuma uHadrat Ali (radiyallahu anhu) ezolwa naye. UMarhab wase ephinda amazwi akhe lawa kade ewasho ekuqaleni. UHadrat Ali (radiyallahu anhu) wase ephendula ngokusho lamazwi alandelayo :

أَنَا الَّذِيْ سَمَّتْنِيْ أُمِّيْ حَيْدَرَهْ

Mina ngulona umawami wangiqamba ngoHadar (ibhubesi)

كَلَيْثِ غَابَاتٍ كَرِيْهِ الْمَنْظَرَهْ

Nginjenge bhubesi elisabekayo lasehlathini

أُوْفِيْهِمْ بِالصَّاعِ كَيْلَ السَّنْدَرَهْ

Uma ngishaya, ngishaya into egcwalayo (ukushaya kwami kuyabulala)
Mayelana ngoHadrat Ali (radiyallahu anhu) ezibiza ngebhubesi. Ngenkathi ezalwa ubaba wakhe, uAbu Taalib wayekade ehambile engekho eMakkah. Wase umawakhe emnika igama elithi Hayadar elichaza ukuthi ibhubesi ngoba nobaba wake igama lakhe kade kunguAsad nalo lichaza ukuthi bhubesi. Ngenkathi ubaba wakhe uAbu Taalib ebuya eMakkah, walishintsha igama lendodana yakhe wase emqamba uAli. Kwase emvakwalokho eduma ngalelo gama kodwa ngalolusuku wazibiza ngegama ekade eqanjwe ngalo umawakhe.
Kwenye ingxoxo kubikiwe ukuthi ngobusuku okudlule uMarhab wabona iphupho ehlaselwa ibhubesi. UAllamah Zarkaani (rahmatullah alayhi) uthi uHadrat Ali (radiyallahu anhu) wabusiswa ngokuthi abona noma wakubona ephupheni). Kungenxa yalokho uHadrat Ali (radiyallahu anhu) wazibiza ngebhubesi ngalelolanga, kwase ukuthi incazelo yephupho lika marhab kwakungukuthi ukufa kwakhe kuyofika ngenkemba kaHadrat Ali (radiyallahu anhu). Lokho kwadala ukuthi abenokusaba okukhulu futhi wass walahlekelwa ubuqhawe bakhe.
Base baqala baqophisane, uHadrat Ali (radiyallahu anhu) wahlakaza ikhanda likaMarhab ngokumshaya kanye kwaphela ngaye. UAllah wamnika uHadrat Ali (radiyallahu anhu) ukunqoba kwenqaba.

About admin

Check Also

Isikhundla Esiphakeme SikaHadrat Ali (radiyallahu anhu)

Ukulunga KwaHadrat Ali (radiyallahu anhu) UAli bin Rabee’ah (radiyallahu anhu) ubika ukuthi ngelinye ilanga uHadrat …