Lendaba elandelayo ebhaliwe ebhukwini ekuthiwa i’Nuzhah’:
Kwaku khona omuntu oyinceku okade segula kakhulu ngenxa yokuthi bengasakwazi ukuchama. Ngobunye ubusuku, wabona iphupho la ekhalaza kushaykh Shahaabuddeen bin Raslaan (rahmatullah alayhi) (okade eyinceku nomfundisi odumile) ngobunzima abhekene nakho. Ephupheni, uShaykh wathi kuye, “kwenzeka kanjani ukuthi awunalo ulwazi lento elapha zonke izifo? Qalis ngokusho iDurood kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) uAllah uzokubusisa ngoku kwelapha.” UShaykh wase ethi kuye akasho leDurood elandelayo:
اَللّٰهُمَّ صَلِّ وَسَلِّمْ عَلٰى رُوْحِ سَيِّدِنَا مُحَمَّدٍ فِيْ الْأَرْوَاحْ وَصَلِّ وَسَلِّمْ عَلٰى قَلْبِ سَيِّدِنَا مُحَمَّدٍ فِيْ الْقُلُوْبِ وَصَلِّ وَسَلِّمْ عَلٰى جَسَدِ سَيِّدِنَا مُحَمَّدٍ فِيْ الْأَجْسَادْ وَصَلِّ وَسَلِّمْ عَلٰى قَبْرِ سَيِّدِنَا مُحَمَّدٍ فِيْ الْقُبُوْرْ
O Allah, kuyo yonke imiphefumulo (oyidalile), nikeza umusa wakho okhethekile, nokuthula nezibusiso zakho kumphefumulo kwamprofethi UHadrat Muhammad (sallallahu alayhi wasallam), beka umusa wakho okhethekile nokuthula kwakho okukhethekile enhlizweni kwamprofethi uMuhammed (sallallahu alayhi wasallam) futhi kuyo yonke imizimba (oyidalile) beka umusa nokuthula kwakho okukhethekile emzimbeni kwamprofethi uMuhammed (sallallahu alayhi wasallam), futhi kuwo wonke amathuna (endalo yonke) beka umusa wakho okhethekile nokuthula kwakho ethuneni likaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).
Ngenkathi evuka, waqala washo leDurood ngenkathi esejwayele ukuyisho njalo isifo sakhe salapheka.
IDua Yezingelosi
Kubikiwe ukuthi uma umuntu ema eduze kwethuna likaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) asho lelivesi elilandelayo:
اِنَّ اللّه وَمَلٰٓئِکَته یُصَلُّوۡنَ عَلَی النَّبِیِّ ؕ یٰۤاَیُّها الَّذِیۡنَ اٰمَنُوۡا صَلُّوۡا عَلَیۡه وَسَلِّمُوۡا تَسۡلِیۡمًا ﴿۵۶﴾
Emvakwalokho ase asho leDurood elandelayo
صَلّٰى اللهُ عَلَيْكَ يَا مُحَمَّدْ
Ingelosi ithi, “Engathi izibusiso zikaAllah zingaba kuwe futhi, uAllah abe esemgcwalisela zonke izidingo zakhe.
UMulla Ali Qaari unombino wokuthi esikhundleni sika ‘ya Muhammed’ kuncono uthi ‘yaRasulallah. Kubikiwe ukuthi uAllamah Kastalaani naye unombono ofanayo osuka kuShayk Zain-ud-Deen Zangi nabanye.
Isizathu salokho ukuthi asivunyeliwe ukuthi sibize uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ngegama lakhe. Kodwa uma kuqamuka igama lakhe kwiHadeeth ngo ‘Ya Muhammad’ singakusho futhi angebe ibe khona inkinga.
UHadrat Shaykh Moulana Muhammad Zakariyya wathi:
Ngifisa engathi wonke umuntu ovakashela ithuna likaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) kumele asho lokhu okulandelayo kawu (70) njalo uma evakasha ngokhulu ukuzithoba:
اَلصَّلَاةُ وَالسَّلَامُ عَلَيْكَ يَا رَسُوْلَ الله