Ukuqina kukaHazrat Bilaal (radhiyallahu ‘anhu) ku-Islam

Ukuqina kukaHazrat Bilaal (radhiyallahu ‘anhu) ku-Islam

UHazrat Bilaal (radhiyallahu ‘anhu) uyiSahaabi elidumile phakathi kweqoqo lamaSahaabah (radhiyallahu ‘anhum), futhi wayenguMuazzin (umuntu ohaya iAzaan) ye-Musjid kaMprofethi (sallallahu ‘alaihi wasallam). Ekuqaleni, wayeyisigqila sase-Abyssinia sikangakholwa eMakkah Mukarramah. Ukuguqukela kwakhe ku-Islam, ngokwemvelo, akuzange kuthandwe yinkosi yakhe ngakho-ke wahlukunyezwa ngesihluku esikhulu.

UUmmayah bin Khalaf, owayeyisitha esikhulu se-Islam, wayemlalisa esihlabathini esishisayo emini ibhaxa futhi ebeka itshe elisindayo esifubeni sakhe, ukuze angakwazi ngisho ukunyakazisa ilungu lomzimba. Wayesethi kuye, “Dela i-Islam, noma ushise ufe.”

Ngisho naphansi kwalezi zinhlupheko, uHazrat Bilaal (radhiyallahu ‘anhu) wayememeza, “Ahad! (uAllah oYedwa!) Ahad! (uAllah oYedwa!)”

Ebusuku, wayeboshwa ngamaketanga futhi ashaywe, futhi ngamanxeba ayewathola kanjalo, enziwa alale emhlabathini oshisayo emini ukuze amenze noma adela i-Islam noma afe ukufa okunensa ngenxa yamanxeba. Abahlukumezi babeze bakhathela futhi bashintshane. Ngezinye izikhathi, u-Abu Jahl wayemhlukumeza, kanti ngezinye izikhathi, u-Umayyah noma omunye umuntu wayemjezisa, futhi babeqhudelana ekunikezeni isijeziso esibuhlungu kakhulu, kodwa uHazrat Bilaal (radhiyallahu ‘anhu) akazange avume.

Ebona ukuhlupheka okukhulu uHazrat Bilaal (radhiyallahu ‘anhu) ayedlula kukho, uHazrat Abu Bakr (radhiyallahu ‘anhu) wathenga inkululeko yakhe, futhi waba iMuslim elikhululekile

Njengoba i-Islam ifundisa ngokucacile ubunye boMdali uMninimandla Onke, kuyilapho abakhonzi bezithombe baseMakkah Mukarramah bekholelwa konkulunkulu abaningi abesilisa nabesifazane, ngakho-ke uHazrat Bilaal (radhiyallahu ‘anhu) wayephinda, “Ahad! (uAllah munye!) Ahad! (uAllah munye!)” Lokhu kubonisa uthando lwakhe nokuzinikela kwakhe ku-Allah Ta‘ala. (Al Isaabah 1/456, Fazaa’il-e-A’maal [English] pg. 21-22, [Urdu] pg. 16-17)

About admin

Check Also

Inhlonipho kaHazrat Sa’eed bin Zaid (radhiyallahu ‘anhu) kuHazrat Uthmaan (radhiyallahu ‘anhu)

Inhlonipho kaHazrat Sa’eed bin Zaid (radhiyallahu ‘anhu) kuHazrat Uthmaan (radhiyallahu ‘anhu) Kuyabikwa ukuthi Ngelinye ilanga, …