admin

Izindaba Ezinhle Zokusho IDurood

UHadrat Muhammad bin Maalik uthi: Ngahamba ngaya ebhaghdaad ngiyofunda kuShaykh Abu Bakr bin Mujaahid (rahmatullah alayhi). Ngenkathi sihleli naye simzungezile sifunda. Kwangena ikhehla ligqoke iTurban ekhanda, ligqoke izingubo ezidabukile limbethe itshali emahlombe. Ngenkathi UShaykh Abu Bakr (rahmatullah alayhi) embona, wasukuma ngenhlonipho wahlalisa lelikhehla endaweni yakhe, wase embuza ngempilo yakhe nenhlalakahle …

Read More »

ISalaah Yabesifazane

Sonke isici seIslaam esiphathelene nabantu besifazane sihambisana namahloni nesizotha. Mayelana nalokhu iIslaam ikhuthaza abesifazane ukuthi bahlale ezindlini zabo ukuze bezofihleka emadodeni ayizihambi futhi bangaphumi ezindlini zabo ngaphandle kwesizathu esisile. Indlela bayalwe ngayo ukuthi benze iSalaah sukela ekugqokeni nendlela abanyakaza ngayo kwiSalaah kukhombisa ukubaluleka kokuzifihla. Yingakho iSalaah yabantu besifazane ikhombisa isizotha …

Read More »

Umphatheli Okhethekile Walesizwe

Ukuthembeka Okukhulu KwaHadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu) Emvakokuthi abantu baseNajraan bamukele iIslaam, bafika kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) bacela ukuthi abanike umuntu othembekile (ozobafundisa iIslaam). URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi kubona : لابعثن إليكم رجلا امينا حق امين “Ngizonithumela umuntu othembekile, ngempela uthembekile kakhulu.” Ngalesosikhathi amaSahaabah (radiyallahu anhum) lawa …

Read More »

Umqondo Walama Vesi Amathathu Okuqala

Kulama vesi amathathu adlule umuntu uyakwamukela ukuthembela kwakhe kuAllah ngakho konke okudlule, okwenzekayo nokusazokwenzeka. Evesini elokuqala uAllah uchaza ukuthi nguye inkosi yemihlaba yonke. UAllah uthi, “Ukudumisa konke okwaAllah, Nkosi yemihlaba yonke.” kulelivesi sibona ukuthi uAllah yedwa kuphela, owaletha indalo futhi uye kuphela oyondlayo futhi uyayinakekela kuzo zonke izigaba zempilo yayo. …

Read More »

IDurood Iwumthombo Wabaphilayo Nabafile

Encwadini ekuthiwa iRawdul Faa’ik Kubikwe lendaba elandelayo: Kwakukhona umama onendodana ekade yenza izenzo ezibi. Noma ngabe kade eyikhuza kangakanani umama wakhe. Akaze ilalele izexwayiso zakhe. Esakuleso simo, engakaze acele intethelelo yezono zakhe washona kanjalo. Umawakhe waphatheka kabi ngoba ushone ngaphandle kwentethelelo. Wase waba nesifiso esikhulu sokumbona ephupheni. Ngenkathi embona ephupheni …

Read More »

Ukujabula KwaRasullullah NgoHadrat Zubayr (radiyallahu anhu)

UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) Uqamba Amadodana Akhe Ngamagama Alaba Abashonela EUhud Belwa Endleni KaAllah UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) wake wathi: “Impela, uTalha bin ubaydillah (radiyallahu anhu) unika amadodana akhe amagama abaprofethi, kepha uyazi ukuthi akekho omunye umprofethi oyolandela emva kwamprofethi Muhammad (sallallahu alayhi wasallam). UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) wase ethi,”Mina …

Read More »

Imibuzo Ejwayelekile Mayelana NeSalaah Eyamadoda

1. Umbuzo: kumele umuntu olandela iImaam asho iSanaa, iTa’awuuz, iTasmiyah futhi ahaye neKuraan uma elandelayo umfundisi? Impendulo: Umlandeli uzosho isanaa emvakwalokho ahlale ethule. Akumele asho iTa’awuuz, iTasmiyah futhi ahaye iKuraan emva kweImaam. 2. Umbuzo: uma umlandeli efike kwiSalaah kamuva, futhi neImaam isiqale ukuhaya iKuraan, ngabe kumele ayisho iSanaa? Impendulo : …

Read More »

Ukubhekisa kuAllah Kuphela Uma Udinga Usizo

إياك نعبد وإياك نستعين Uwe kuphela esimkhonzayo futhi uwe kuphela esicela usizo. Ngolwimi lamaArab, igama elithi “Ibaadah” lichaza ukuzithoba kakhulu ngenxa yothando nenhlonipho nokuzinikela kumuntu. Leluhlobo lokuzinikela ngenxa yothando nenhlonipho lilungele uAllah kuphela. Ingakho sithi, “Uwe kuphela esimkhonzayo,” empeleni sisuke simemezela ukuthi sizinikelile ngokuphelele ekumlaleleni nokumkhonza ngenxa yothando nenhlonipho ejulile …

Read More »

Ukusho IDurood Uma Usezinhlungwini

UHadrat Abdu Raheem bin Abdur Rahmaan (rahmatullah alayhi) uthi: Ngelinye ilanga indgalo yami yalimala ngenxa yokuthi ngawa endweni yokugeza, futhi yase ivuvukala kakhulu. Ngalobo busuku izinhlungu zangihlukumeza kakhulu. Ekugcineni amehli wami avaleka ngazumeka. Ngasw ngibona emfanekiswani uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) kodwa ngakwazi ukuthi, “Ya Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) kuphela. URasullullah …

Read More »

UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) Uthola Amanxeba Ngenkathi Elwa Endleleni KaAllah

Ubuqhawe BaHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) Ngosuku lwempi yaseYarmook, amaSahaabah (radiyallahu anhum) athi kuHadrat Zubayr (radiyallahu anhu), “Kungani ungangeni ngokuphelele uhlasele isitha kubese thina silandele wena ngokuhlasela?” UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) wase ephendula ethi, “Ngiyazi ukuthi uma ngingena ngibahlasela, nina ngeke nize ningilandele.” AmaSahaabah (radiyallahu anhum) aphendula athi, “Cha, thina sizokulandela.” …

Read More »