41. Ungayisebenzisi imali yomphakathi ukuze uhlobise iMasjid. Uma unesifiso sokwenza lokho, ungasebenzisa imali yakho kuphela ukuze uhlobise iMasjid futhi lokho kuhlobisa kumele kuhambisane nemithetho yeIslam.
عن ابن عباس رضي الله عنهما قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم ما أمرت بتشييد المساجد قال ابن عباس لتزخرفنها كما زخرفت اليهود والنصارى (سنن أبي داود، الرقم: 448)
UHadrat Ibn Abbaas (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Angilayezangwa ukuthi ukuthi ngikhuphule izindonga zamaMasjid (ngaphandle kwesidingo futhi nokuhlobisa okungenso isidingo).” UHadrat Ibnu Abbaas (radiyallahu anhu) wathi, “(kuyofika isikhathi) niyohlobisa amaMasjid ngempela (ngokweqile kwemthetho yeIslam) njengoba amakresto namaJuda ehlobisa izindawo zabo zokuthandaza.”