An open quran at a masjid.

UKUVIKELWA ETHUNENI

Ngaphezu kwalokho, kubikwa ukuthi lapho umuntu obambelele ngokuqinile kwi-Kuran Majeed edlula emhlabeni, ngaphambi kokuba angcwatshwe—ngenkathi umndeni wakhe usamatasa namalungiselelo omngcwabo i-Kuran Majeed iza kuye ngesimo esihle kakhulu futhi ime ngase khandeni lakhe, imvikela futhi imduduze kuze kube yilapho esesongwe nge-kafan (indwangu yokumboza isidumbu). I-Kuran Majeed bese ingena ngaphakathi kuleyo ndwangu (i-kafan) izibeke phezu kwesifuba sakhe. Lapho efakwa ethuneni, futhi kufakwa inhlabathi phezu kwakhe, bese bonke abangani bakhe behamba, izingelosi uMunkar noNakeer ziza kuye zimenze ahlale phansi ethuneni lakhe. I-Kuran Majeed bese ingena phakathi kwakhe nalezo zingelosi. Izingelosi zikhuluma ne-Kuran Majeed zithi, “Suka lapha ukuze sikwazi ukumbuza imibuzo.” Nokho, i-Kuran Majeed iphendula ithi, “Angisoze ngasuka lapha! Ngifunga iNkosi (uRabb) yeKaaba, yena wahlala engumngane wami emhlabeni! Ngakho-ke, angisoze ngamshiya noma ngabe kwenzekani! Uma niyalelwe ukwenza umsebenzi othile (okungukuthi, ukumbuza imibuzo), ningawenza lowo msebenzi, kodwa ngiyekeni ngihlale lapha naye, ngoba angisoze ngamshiya kuze kube yilapho ngimngenisa eJannah.” (Targheeb 1/245)

About admin

Check Also

UKUFUNDA I-KUR’AN MAJEED

U-Allah ubusise isizwe sikaHazrat Rasulullah ngolwandle olungenasiphetho. Lolu lwandle lugcwele amaparele, amatshe ayigugu aluhlaza (emeralds), …