Ukwesaba Kwelizayo KukaHadrat Ali (radiyallahu anhu)
UKumail bin Ziyaad ubika lokhu okulandelayo:
Ngelinye ilanga kade ngiphelezela uHadrat Ali (radiyallahu anhu) ephumela ngaphandle kwedolobha laseKufa ehamba ebhekise eJabbaan (indawo engaphandle kwaseKufa engamakhaya). Ngenkathi sifika eJabbaan, uHadrat Ali wabhekisa ngasemathuneni wase wamemeza, “O bahlali basemathuneni! O bantu laba imizimba yabo esiyabola! O bantu abahleli bodwa! Sinjani isimo senu? Isimo sethu la emhlabeni ukuthi wonke amafa abafile sehlukanisiwe, izingane sezaba izintandane, futhi nabafelokazi sebephinde bashada! Yiso isimo sethu lesi, sinjani isimo senu lapho (emathuneni)? “
UHadrat Ali (radiyallahu anhu) wase ephenduka ebhekisa kimi ethi, “O Kumail, uma abahlali balamathuna kade bekwazi ukukhuluma kade beyophendula bathi,” “umphako umuhle kakhulu wokwelizayo, umphako weTaqwa (ukwesaba umdali).”
UHadrat Ali (radiyallahu anhu) waqala wakhala wase ethi, “O Kumail! Ithuna eqinisweni liyibhokisi eliphethe izenzo zomuntu futhi kungenkathi la esezokufa la eyobona ukuthi uthumele ziphi izono phambili futhi ziyomlindela ethuneni. (isimo somuntu kungase ukuthi sibe isijeziso noma kube ukukhululeka ethuneni).”