40. Bandakanya inhliziyo yakho neMasjid, kuchaza ukuthi uma uphuma emva kweSalaah eyodwa enza inhloso yokuphinde ubuye uzokwenza iSalaah elandelayo futhi uyilinde ngokuyilangazelele.
عن أبي هريرة رضي الله عنه أن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال ألا أدلكم على ما يمحو الله به الخطايا ويرفع به الدرجات قالوا بلى يا رسول الله قال إسباغ الوضوء على المكاره وكثرة الخطا إلى المساجد وانتظار الصلاة بعد الصلاة فذلكم الرباط (صحيح مسلم، الرقم: 251)
UHadrat Abu Hurairah (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wake wabuza amaSahaabah, “Anifisi nginitshele ngezenzo eziyodala ukuthi uAllah asule izono zenu futhi anikhuphule izikhundla?” AmaSahaabah (radiyallahu anhum) aphendula,”Yebo, siyacela usitshele, O Sithunywa sikaAllah (sallallahu alayhi wasallam), URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ethi,” Ukwenza iWuzu ephelele ngaphezu kobunzima, izinyathelo eziningi eziya eMasjid futhi nokulinda iSalaah elandelayo emva kokwenza eyodwa. Lezenzo ziyafana nomuntu ovikela umngcele wamaMuslim ezitheni zamaMuslim (kuchaza ukuthi ngokwenza lezenzo umuntu uzivikela emmoyeni emibi nakuShaytaan njengoba amasosha evikela umngcele wamaMuslim ezitheni).”