URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) Eqoka UHadrat Ali (radiyallahu anhu) Ukuthi Abe Ngumholi WaseMadeenah
Ngenkathi kuyimpi yaseTabook, ngenkathi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ephuma eMadeenah Munawwarah, waqoka uHadrat Ali (radiyallahu anhu) ukuthi abheke izindaba zaseMadeenah Munawwarah njengoba ehamba.
Kepha-ke ngesiyalo sikaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), uHadrat Ali (radiyallahu anhu) akaphumanga nebutho kunalokho wahlala eMadeenah Munawwarah.
Emva kwalokho kwase kuba khona amahemuhemu okuthi isizathu sokungahambi kwaHadrat Ali (radiyallahu anhu) empini ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) uthukuthele ngaye. Ngenkathi ezwa lokhu uHadrat Ali (radiyallahu anhu) wase ehamba eyobikels uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) loludaba. Wase emazisa ngokuthi abanye abantu bathini.
Ngokwenye ingxoxo, uHadrat Ali (radiyallahu anhu) wathi kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), “O Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) angifuni ukuthi amaArabu athi, ‘ushiye umzala wakhe (uRasullullah) wase esala.
Futhi kade kuyisifiso sikaHadrat Ali (radiyallahu anhu) ukuthi azibandakanye nebutho ayolwa endleleni kaAllah. Ngokwenye ingxoxo kubikiwe ukuthi uHadrat Ali wathi kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), “O Rasullullah, ungishiya ngemuva nabantu besimame nezingane?”
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ethi kuye emduduza, “Akukjabulisi yini ukuthi isikhundla sakho nami siyofana nesikhundla sikaHaroon noMoosa (alayhimassallaam) ngaphandle kokuthi asikho isithunywa esiyofika emva kwami?”
Ngamanye amazwi ngenkathi uMoosa (alayhisallaam) ehamba eye entabeni yaseToor washiya, washiya ubuthi wakhe uNabi Haroon (alayhisallaam) esikhundleni sakhe. Lokhu kwakhombisa isikhundla esiphakeme sikaHaroon (alayhisallaam) nokwethembeka kwakhe kuHadrat Moosa (alayhisallaam).
Ngakho-ke ukubekwa kwakhe njegomholi WaseMadeenah Munawwarah ngenkathi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) engekho kwakhombisa ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) kade emthemba.
Ngenkathi uHadrat Ali (radiyallahu anhu) ezwa lokhu wathi, “ngijabule, ngijabule (ngesinqumo sikaAllah noRasulullah (sallallahu alayhi wasallam)).”