Ebhukwini ekuthiwa iRawdatul Ahbaab uImaam Ismaeel bin Ebrahim Muzani (umfundi odumile kaImaam Shafiee) ubika uthi :
Ngake ngabona uImaam Shaafi’ee ephupheni emva kokushona kwakhe ngase ngimbuza ukuthi “uAllah ukuphathe kanjani?” uImaam Shaafi’ee waphendula
Wathi, “UAllah ungithethelelile waqoka ukuthi ngiphelezelwe ngiyongena eJannah ngenhlonipho nesizotha. Ngithole konke lokho ngokusho iDurood ethize kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ekade ngijwayele ukuyisho.” Ngase ngimbuza, “Eyiphi leyoDurood?” uImaam Shaafi’ee waphendula wathi:
اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ كُلَّمَا ذَكَرَهُ الذَّاكِرُوْنَ وَكُلَّمَا غَفَلَ عَنْ ذِكْرِهِ الْغَافِلُونَ
O Allah thumela umusa wakho kuMuhammed (sallallahu alayhi wasallam) ngokwesibalo sabantu abamkhubulayo futhi uthumele umusa wakho kuMuhammed ngokwesibalo sabantu abakhohlwayo ukumkhumbula.
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) uphendula ISalaam
UHadrat Abu Hurairah (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Uma kukhona ongibingelela ngeSalaam ethuneni lami, uAllah ubuyisela umphefumulo wami emzimbeni wami ukuze ngikwazi ukuphendula ukubingelela kwakhe.
Ebhukwini ekuthiwa iSharah-e-Manaasik, uHaafiz Ibnu hajar ubhala ukuthi ukubuyiselwa komphefumulo kuchaza ukuthi Allah unika uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) amandla okukhuluma. UHadrat Qaadi Iyaaz (rahmatullah alayhi) ubhala ukuthi umphefumulo kaRasullullah ( (sallallahu alayhi wasallam) uhlezi ukhona ngakuAllah futhi ngokubingelelwa ngeSalaam uyaphendula.
Ingxenye enkulu yamaUlama(abafundisi) (njengoHaaafiz Ibn Hajar noAllahmah Zurkaani) banombono wokuthi incazelu yokubuyiselwa komphefumulo akuchazi ukuthi umzimba kaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) awsinawo umphefumulo manje usuyanikwa, Isizathu salokho ingoba umphefumulo wabuyiselwa emzimbeni kaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) emva kokuhamba la emhlabeni. Kodwa incazelo yaleHadeeth ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) uyaphendula uma ebingelelwa.