
Ubuqhawe BaHadrat Ali (radiyallahu anhu)
Ngenkathi kuyimpi yaseUhud uHadrat Ali (radiyallahu anhu) wakhombisa ubuqhawe nesibindi esikhulu ngenkathi elwa nezitha. Wabulala abaholi abane (4) yena mathupha, omunye wabo kade kungu Talha bin Abi Talha.
Emva kwempi wathatha inkemba yakhe wayinika umfazi wakhe, uHadrat Fathima ukuze ageze igazi wase esho lamazwi alandelayo
أفاطم هاك السيف غير ذميم فلست برعديد ولا بلئيم
لعمري لقد أبليت في نصر أحمد ومرضاة رب بالعباد عليم
O Fathima, thatha nayi inkembe yami, umuntu okade eyisebenzisa akancala, ngoba kade ngingelona igwala, futhi kade ngingesiyena umuntu onesihluku.
Ngifunga ngempilo yami, ngiqede wonke amandla ami ngivikela uAhmed (sallallahu alayhi wasallam) futhi ngithola injabulo kamdali wami onolwazi ngezigqila zakhe.
Ngokuzwa lokhu, uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wafakaza wathi, “O Ali, ngempela ulwe kahle, noAasim bin Thaabit, Sahl bin Hunaif, Haaris bin Simmah noAbu Dujanah balwe kahle bonke.