Uthando ElikaHadrat Ali (radiyallahu anhu) LaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)
Ngelinye ilanga uRasullullah kade enganakho ukudla ephethwe indla. Ngenkathi uHadrat Ali (radiyallahu anhu) ethola ulwazi ukuthi uRasullullah uphethwe indlala, wagcwala ukhathazeka enhlizweni yakhe. Uthandolwakhe laRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) lalukhulu ngalendlela yokuthi akakutholanga ukuphumula enolwazi ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) usebunzimeni. Kepha-ke naye kade enganakho ukudla ezokudla noRasulullah (sallallahu alayhi wasallam).
UHadrat Ali wase ephuma endlini yakhe eyofuna umsebenzi ukuze azokwazi ukuthola imali azothengela uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ukudla. Ngenkathi ehamba efuna umsebenzi wafica kwenye insimi kunejuda. Wase ecela umsebenzi wokukhipha amanzi emthombeni ngokuthi uzomnika insundu elilodwa ngokukhipha ibhakede elilodwa.
IJuda lase lavuma wase uHadrat Ali (radiyallahu anhu) ekhipha amabhakede awu (17), ngenkathi eseqedile iJuda lamnika ithuba lokukhetha noma emaphi amaphi amasundu awathandayo. Wase uHadrat Ali (radiyallahu anhu) ekhetha uhlobo lamasundu abizwa ngeAjwah wase ewaletha kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).
Ngenkathi ewanika uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase embiza ngegama lebizo lwakhe (ufilial) wase wambuza, “O Abul Hassan uwathathe kephi lamasundu?“ wase uHadrat Ali (radiyallahu anhu) ephendula ethi,”Ngizwile ngendlala yakho, ngase ngahamba ngayofuna umsebenzi ukuze ngikwazi ukuklethela ukudla.”
Ngokuzwa lokhu, uHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase embuza, “Wenze konke lokhu ngenxa yothando laAllah nomprofethi wakhe?” UHadrat Ali (radiyallahu anhu) waphendula wathi, “Yebo, O Sithunywa sikaAllah (sallallahu alayhi wasallam).
UHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ethi,” Asikho isigqila esinothando oluyiqiniso laAllah, ngaphandle kokuthi uyovivinywa ngendlala (ngezinye izikhathi). Kepha-ke wonke umuntu onothando laAllah noRasulullah (sallallahu alayhi wasallam)
Kumele alungiselele ukuvivinywa ngokubekezela.”