IDurood Ekhethekile KaImaam Shaafi’ee (rahmatullah alayhi)

UHadrat Ibnu Bunaan Asbahaani (rahmatullah alayhi) uthi :
Ngake ngabona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ephupheni ngase ngimbuza, “O Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam), ngabe kukhona into ekhethekile enikezwe uMuhammed bin Idrees Shaafi’ee (rahmatullah alayhi), lo oyindodana kamalume wakho? (kuthiwe malume ngoba isizululwane sokhokho baImaam Shaafi’ee siyahlangana nesikaHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam).
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waphendula wathi, “Yebo impela, ngicele uAllah ukuthi amvikele embuzweni ngosuku lweKiyaamah.” Ngase ngibuza, ‘O Sithunywa sikaAllah (sallallahu alayhi wasallam), ngasiphi isenzo esimenze wafanelwa ilesibusiso?”
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waphendula wathi, “Ngenxa yokuthi usho iDurood kimi engakaze yashiwo omunye umuntu ngaphambilini.” Ngase ngibuza, “O Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) eyiphi leyoDurood?”
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ephendula ethi :

اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ كُلَّمَا ذَكَرَهُ الذَّاكِرُوْنَ وَصَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ كُلَّمَا غَفَلَ عَنْ ذِكْرِهِ الْغَافِلُوْنَ

O Allah! Thumela umusa wakho okhethekile kuMuhammed (sallallahu alayhi wasallam) ukulingana nesibalo sezikhathi ekhumbulwa abantu abamkhumbulayo futhi uthumela umusa wakho okhethekile kuMuhammed (sallallahu alayhi wasallam) ukulingana nesibalo sezikhathi la abantu bengamkhumbuli kuso.
Ukupheleliswa kwezidingo
UHadrat Abu Hurairah (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Uma umuntu ema ngasethuneni lami athumele iDurood kimi, ngiyayizwa, futhi noma ubani othumela iDurood ekwenye indawo, zonke izidingo zakhe zala emhlabeni nakwelizayo zipheleliswa futhi ngosuku lweKiyaamah ngiyoba ufakazi wakhe futhi ngiyomkhulumela. (Fazaail Hajj)

About admin

Check Also

IDua Ekhethekile KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam)

عن أبي هريرة عن النبي صلى الله عليه وسلم قال: من قال اللهم صل على …