Njengoba kubalulekile ukwenza iSalaah, ukuyenza ngesikhathi esifanelekile futhi nangendlela efanelekile kubalulekile.
UHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Uma umuntu enza iSalaah yakhe ngesikhathi esifanelekile ngeWudhu ephelele, ephelelisa iQiyaam (ukuma), jRuku (ukugoba) neSajdah (ukuguqa) ngendlela efanelekile ngokucabangisisa nokuzithoba. ISalaah yakhe iyakhuphuka ikhanye ibenobuhle ithi kuye, ‘Engathi uAllah angakuvikela njengoba nawe ungivikelile’. Okunalokho uma umuntu engayenzi iSalaah yakhe ngesikhathi esifanelekile noma angayenzi iWudhu yakhe kahle noma angaphelelisi iRuku neSajdah ngendlela efanelekile ecabangisisa ezithoba. ISalaah yakhe iyakhuphuka esimweni esibi futhi nesinyama imqalekise ithi, ‘Engathi uAllah angakubhubisa njengoba ungibhubhisile’. ISalaah ibe ise ikhuphuka ifinyelela la uAllah afise ukuthi ifikele khona, emvakwalokho iyagoqwa njengesdwedwe esincolile iphoswe ebusweni bakhe.