Ukulunga KwaHadrat Ali (radiyallahu anhu)
UAli bin Rabee’ah (radiyallahu anhu) ubika ukuthi ngelinye ilanga uHadrat Ja’dah bin Hubayrah (radiyallahu anhu) wafika kuHadrat Ali (radiyallahu anhu) wase ethi, “O Mphathi wamaMuslim!, sibona ukuthi kufike abantu ababili kuwe (mayelana nengxabano yabo). Sibona ukuthi oyedwa phakathi kwabo ukuthanda ngaphezulu komdeni wakhe nomcebo wakhe, kepha lo omunye ukuba kade enethuba ngabe kade wakuhlinza. Kodwa udlulisa isinqumo esizojabulisa yena lona okuzondayo kuna lomuntu okuthandayo.”
Ngokuzwa lokhu uHadrat Ali (radiyallahu anhu) washaya isifuba saHadrat Ja’dah (radiallahu anhu) ngesandla sakhe (ukuze azomlalela kahle ukuthi uthini) wase ethi kuye,” Uma isinqumo sidluliswa ngobudlwelane enginabo nabantu, kade ngizodlulisa isinqumo ngentando yami, kodwa isinqumo silandela umthetho kaAllah (ngoba lana isinqumo sihambiselana nalomuntu ongizondayo).” sidluliswa ngobudlwelane enginabo nabantu, kade ngizodlulisa isinqumo ngentando yami, kodwa isinqumo silandela umthetho kaAllah (ngoba lana isinqumo sihambiselana nalomuntu ongizondayo).”