Ukugxila KukaHadrat Hadrat Sa’d (radiyallahu anhu) KwiImaan
UAbu Uthmaan (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) wathi:
Lelivesi elilandelayo lethulwa mayelana nami:
وَ وَصَّیۡنَا الۡاِنۡسَانَ بِوَالِدَیۡه حُسۡنًا وَ اِنۡ جَاهدٰکَ لِتُشۡرِکَ بِیۡ مَا لَیۡسَ لَکَ بِه عِلۡمٌ فَلَا تُطِعۡهمَا
Saqoka ukuthi umuntu abenomusa kubazali bakhe, futhi uma bekuphoqa ukuthi ungihlanganise nabanye (onkulunkulu) ongenalo ulwazi, ungabathobeli.
Kade ngiyingane ethobela umthetho kamawami kakhulu. Kodwa ngenkathi ngamukela iIslam, wathi kimi, “We Sa’d! Eyiphi lenkolo ozakhele yona? Ngiyakulayeza ukuthi uyishiye lenkolo oyiqalile noma ngeke ngiphinde ngikukhulumise futhi ngeke ngidle noma ngiphuze lutho ngiyoze ngife. Uyobe usuthwala icala lokufa kwami ngoba abantu bazokubiza ngomuntu owabulala umawakhe.” Ngaphendula ngathi ” O mama wami! Ungaziphathi ngalendlela ngoba angizimisele ngokuyeka lenkolo yami endaweni yanoma okuphi la emhlabeni.”
Umama wami wase ehlala elambile izinsuku ezintathu waze waphelelwa amandla. Ngenkathi ngimbona kulesimo ngathi kuye, “O mama wami! Ngifisa ukuthi kuwe uma kade unezimpilo eziwu (100) futhi ube usophelelwa zonke, ngalinye ngenxa yokuzama ukungiyekisa lenkolo yeIslam, angisoze ngayiyeka lenkolo, Ngakho-ke uma ufisa ungadla uma ufisa ungahla ulambe.” Ngenkathi umama wakhe ebona ukuzimisela kwakhe obuqotho nokuzinikela kwakhe kwiIslam, wabona ukuthi angeke aze ayishiye phansi iIslam nganoma yini, waphula ukufunga kwakhe wase wadla.