IDua Ekhethekile KaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)
UHadrat Ayesha ingane kaHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) ibika lokhu okulandelayo ekusuka kubaba wakhe:
Ngenkathi kuyimpi yaseUhud, (ngenkathi izitha ziqhamuke ngemuva kwethu kwabulawa amaSahaabah (radiallahu anhum) amaningi kakhulu kulempi), amaSahaabah (radiyallahu anhum) kade engamboni uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) futhi enyakaza edidekile. Ngalesosikhathi mina ngahamba ngamela eceleni ngakhuluma ngedwa ngathi, “Ngizoqhubeka ngilwe namaKuffar (abangakholwa). Uma ngilwa ngingase ngife endleleni kaAllah noma uma uAllah engibusisa ngokuphila kulempi ngizolwa ngiyoze ngimbone uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).”
Ngenkathi ngikulesimo, ngabona umuntu emboze ubuso bakhe kwadala ukuthi ngingakwazi ukumbona. Abangakholwa basondela kuye. Ngaze ngathi, “Bamthungathe baze bamthola,” Ngalesosikhathi lomuntu wagcwalisa izandla zakhe ngamatshe wase ebashaya ngawo ebusweni, kwadala ukuthi baphenduke babuyele emuva baze bafikela entabeni. Lomuntu waphinda lesenzo kaningi (ngenkathi izitha zizama ukumthungatha) bengingamboni ukuthi ungubani (ngoba kade ezimbozile).
Phakathi kwami noHadrat Miqdaad bin Aswad kade kukhona lomuntu. Ngase ngibuza uHadrat Miqdaad (radiyallahu anhu) ukuthi ngubani lomuntu omkhulu kangaka, uHadrat Miqdaad (radiyallahu anhu) waphendula wathi, “O Sa’d, Lona nguHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) uyakubiza.” Ngambuza ngathi, “Ukephi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)? “ Waphendula ngoku khomba kuye lomuntu okade ezimbozile.
Ngokubona ukuthi uye ngampela uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), ngasukuma masinyane la kade ngikhona ngenjabulo, ngakhohlwa namanxeba la ekade ekhona kimi. URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ethi kimi, “Kade ukephi sonke lesiskhathi weSa’d?! Ngaphendula ngathi,” Kade ngiseduze kwakho (kwaze kwafika izitha zaku hlasela).
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase engihlalisa ngaphambili kwakhe, ngase ngishaya ngemicibisholo ngithi, “O Allah, umcibisholo wakho lo, dala ukuthi ushaye isitha sakho,” Ngenkathi ngishaya imicibisholo uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) kade engenzela iDu’a ethi, ” O Allah! Amukela iDu’a kaSa’d, O Allah! Yenza ukuthi umcibisholo kaSa’d ushaye lakumele ushaye khona.” URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ethi kimi, Qhubeka ushaye imicibisholo, O Sa’d! Engathi abazali bami banganikelwa ngawe.! Angishayanga umcibisholo ngaphandle kokuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wangezela iDua ukuthi ngishaya lakumele ngishaye khona futhi amukele iDu’a yami uma ngikhuleka.
Ekugcineni ngenkathi sekuphele imicibisholo yami esikhwameni sami, uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wakhipha imicibisholo enezimpaphe ekade isiskwameni sakhe ukuthi ngidubule ngayo endleleni kaAllah.
UImaam Zuhri (rahmatullah alayhi) ubika ukuthi uHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) washaya imicibisholo ewu (1000) empini yaseUhud.