Tafseer – ISINGENISO

Inkolo efanelwe ukwamukelwa umehlweni kaAllah iIslaam kuphela. KwiKuraan uAllah uthi:

اِنَّ الدِّينَ عِندَ اللّٰهِ الْاِسْلَامُ

“Ngempela Inkolo eyamukelekile emehlweni kaAllah iIslaam kuphela.”

Ngokuza kwaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) emhlabeni konke ubuprofethi bazo zonke izithunywa buyaphela futhi akuvumelekile ukuthi ulandele enye inkolo ngaphandle kweIslaam.

Ukuqhathaniswa kobuso nokukhaya kwaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) nabanye abaprofethi kuyafana nokuqhathanisa ilanga nezinkanyezi.

Njengoba uma kuphuma ilanga zonke izinkanyezi ziyanyamalala. Ngakho-ke ngokuza kukaHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ubuprofethi kwabanye abaprofethi kuyaphela.

Lokho kungenxa yokuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ungumholi wabaprofethi bonke abathunyelwa la emhlabeni.

UAllah wamthumela uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ekugcineni kwesikhthi ukuthi azophelelisa ubuprofethi kwazo zonke izithunywa. Ukuze alethe inkolo enhle kunazo zonke, nebhuku elihle kunawo wonke futhi abeyisibonelo esihle kakhulu kuwo wonke.

UAllah wabusisa uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ngabo bonke ubuhle okade kutholakala kubaProfethi (alayhimassallaam) bonke futhi wenza inkolo yakhe iphathe konke ubuhle okade kutholakala kulezi ezinye izinkolo.

Empeleni kuyisnqumo esisuka kuAllah ukuthi inkolo nebhuku eliyoduma kuze kufike ekugcineni kwesikhathi inkolo kaHadrat Muhammad (sallallahu alayhi wasallam), iIslaam nebhuku lakhe iKuraan encwele.

Umthwalo Owaphezulu KaAllah Wokuvikela IKuraan Engcwele Nenkolo YeIslam

Ezinye izizwe zanikwa umthwalo wokuvikela izincwadi zabo ezincwele nokulondoloza inkolo yazo. Kodwa ngokudlula kwesikhathi, abantu baqala benza izinguquko ezincwadini zabo nasezinkolweni zabo.

Njengoba inkolo yeIslam kuyinkolo yokugcina eyohlala kuze kufike usuku lokwahlulela futhi engasoze yasuswa enye inkolo, uAllah ngokwakhe uthatha umthawalo ngokwaphezulu ukuthi uye ozovikela incwadi yalesizwe – iKuraan encwele nenkolo yeIslam. UAllah uthi :

اِنَّا نَحۡنُ نَزَّلۡنَا الذِّکۡرَ وَ اِنَّا لَه لَحٰفِظُوۡنَ ﴿۹﴾

Ngempela, yithina esambula iKuraan, futhi yithina esithatha umthwalo wokuyivikela.

Kepha-ke ngokuvikelwa kwaAllah, iKuraan ephakeme nenkolo yeIslaam izokwazi ukumela izivivinyo nezinselelo eyobhekana nazo futhi iyohlala ihlangene ukuze kufike usuku lokwahlulela, ikhombise abantu indlela eqondile.

Kodwa ukuze umuntu athathe isiqondiso kwiKuraan kumele alalele umyalezo wayo futhi awucabangisise. UAllah uthi kwiKuraan:

کِتٰبٌ اَنۡزَلۡنٰه اِلَیۡکَ مُبٰرَکٌ  لِّیَدَّبَّرُوۡۤا اٰیٰتِه وَلِیَتَذَکَّرَ اُولُوا الۡاَلۡبَابِ ﴿۲۹﴾

Yiyo iKuraan ebusisekile esayethula kuwe (o mprofethi), ukuze (isizwe sakho) sizokwazi ukucabanga amavesi ayo. Futhi nabantu abanomqondo bathathe isexwayiso.
Kwelinye iVesi uAllah uthi:

اَفَلَا یَتَدَبَّرُوۡنَ الۡقُرۡاٰنَ

Abayicabangi yini imiyalezo yeKuraan?
Inhliziyo yalonke iMuslim ligcwele uthando leKuraan futhi lonke iMuslim linesifiso lokwazi ukuthi umyalezo kaAllah uthini.

About admin