5. Ngaphambili kokuthi uqale iSalaah, qinisekisa ukuthi izingubo zakho zifanelekile futhi aziwubambi umzimba. Gwema ukugqoka izingubo ezingahambiselani nenhlonipho yeSalaah, futhi ugweme ukugqoka izingubo ezinemibhalo nezithombe.
6. Qinisekisa ukuthi wenza iSalaah ugqoke isigqoko esifanelekile ngoba lokhu kade kuyisenzo sikaHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) futhi namaSahaabah (radiyallahu anhum) kade ejwayele ukwenza iSalaah egqoke isigqoko.
روي عن ابن عباس رضي الله عنهما أن رسول الله صلى الله عليه وسلم كان يلبس القلانس تحت العمائم ويلبس العمائم بغير القلانس (جمع الوسائل صـ 207)
UHadrat Abdullah bin Abbaas ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) kade ejwayele ukugqoka isigqoko ngaphansi kweTurban, futhi kwezinye izikhathi ubejwayele ukugqoka iTurban ngaphandle kwesigqoko.
قال الحسن كان القوم يسجدون على العمامة والقلنسوة (صحيح البخاري 1/56)
UHadrat Hassan Basri (rahmatullah alayhi) uthi, “AmaSahaabah (radiyallahu anhum) kade ejwayele ukuguqa kwiSalaah egqoke izigqoko namaTurban.”