Izindaba Ezinhle Ngokungena KwaHadrat Sa’d bin Abi Waqqaas (radiyallahu anhu) EJannah

Iphupho LaHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) Ngaphambili Kokuthi Amukele iIslaam

UHadrat Sa’d ulandisa uthi:
Ngaphambili kokuthi ngamukele iIslaam ngaba nephupho la ngibona khona ubumnyama kuphela kade ngingakwazi ukubona lutho. Kungazelelwe kwase kuvela inyanga eyase ikhanyisa ubusuku ngabe sengilandela lokukhanya ngaze ngafika enyangeni. Ephupheni ngabona abantu abangdlulile bafika kuqala enyangeni. Ngabona uZaid bin Harissa, uAli bin Abi Taalib noAbu Bakr (radiyallahu anhu). ‘Ngase ngibabuza ukuthi nifike nini la (la enyangeni)?’ baphendula bathi “Sifika khona manje”.
Ngenkathi ngivuka ngathola ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) uzibiza ngomprofethi futhi ubiza abantu ukuthi bamukele iIslaam ngasese. Ngahamba ngaya kuye ezigodini zaseMakkah Mukarramah. Ngenkathi ngifika ngamfica eqeda ukwenza iSalaah. Ngase ngamukela iIslaam ezandleni zakhe. Ngaphandle kwa lamaSahaabah (radiyallahu anhum) (uZaid bin Harissa, uAli bin Abi Taalib noAbu Bakr) alikho elinye iSahaabi elangidlula ngokwamukela iIslaam.
Isaziso
  1. Ubumnyama ephupheni laHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) kuchaza ubumnyama bokungakholwa. Ukukhanya kwenyanga kuchaza ukuza kwaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) emhlabeni ukuthi azosusa ubumnyama la emhlabeni.
  2. Ukusho kukaHadrat Sa’d (radiyallahu anh) ukuthi ngaphandle kwaHadrat Zaid bin Harissa, uAli bin Abi Taalib noAbu Bakr (radiyallahu anhum) abekho abamdlula ngokwamukela iIslaam, lokho kungolwazi lakhe. (Bakhona abanye abamukela iIslaam ngaphambili kokuthi yena amukele iIslaam).

About admin

Check Also

Ubudlewane Obusondele Phakathi KwaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) NoHadrat Ali (radiyallahu anhu)

Uthando Olujulile LikaRasulullah Ngelinye ilanga Kade ngigula ngavakashelwa uRasulullah ngenkathi engen endlini yami. Kade ngilele …