1. Lungiselela kahle ngaphambili kwesikhathi seSalaah. Qinisekisa ukuthi ngaphandle kokuthi ulungise umzimba kodwa futhi ulungise umqondo ngokuthi uyozinikela enkundleni kaAllah ophakeme.
2. Qinisekisa ukuthi wenza wonke amaSalaah ngesikhathi esifanelekile ngokuhlanga nebandla eMasjid.
عن أبي هريرة قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم لولا ما في البيوت من النساء والذرية لأقمت الصلاة صلاة العشاء وأمرت فتياني يحرقون ما في البيوت بالنار (مسند أحمد، الرقم: 8796)
UHadrat Abu Hurairah (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Uma kade kungekho abesifazane nezingane ezindlini, bengizokwenza iSalaah yeEsha emvakwalokho ngithumele abafana ukuthi bashise imizi ngomlilo ( kwenye ingxoxo kaSaheeh Muslim ithi imizi yalaba abathandazela amaSalaah abo ayimpoqo ezindlini zabo ngaphandle kwesizathu esibalulekile).”
3. Zama ngakho konke ukuthi wenze wonke amaSalaah ngeTakbeer-e-Ula (ukuqala iSalaah kanye neImaam).
4. Qinisekisa ukuthi umzimba wakho, izingubo nendawo othandazela kuyona ihlanzekile ngaphambili kokuthi wenze iSalaah.