Amagama Okudumisa Lawa Ajabulisa URasullullah (sallallahu alayhi wasallam)

UImaam Tabraani (rahmatullah alayhi) ubika iDua ebhukwini lakhe ewake wabusiswa ngokubona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ephupheni ngayo. Ephupheni, uRasullullah wabonaka njengoba echazsa kumaHadeeth. UImaam Tabraani (rahmatullah alayhi) wabingelela uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ngeSalaam wase ethi, “O Sithunywa sikaAllah (sallallahu alayhi wasallam)! UAllah unginike ugqozi lokusho la amazwi amancane.” URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wase ebuza, “Amaphi lawo mazwi?”

UImaam Tabraani (rahmatullah alayhi) waphendula ngokusho lokhu okulandelayo:

اَللّٰهُمَّ لَكَ الْحَمْدُ بِعَدَدِ مَنْ حَمِدَكَ وَلَكَ الْحَمْدُ بِعَدَدِ مَنْ لَمْ يَحْمَدْكَ وَلَكَ الْحَمْدُ كَمَا تُحِبُّ أَنْ تُحْمَدَ اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ بِعَدَدِ مَنْ صَلَٰى عَلَيْهِ وَصَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ بِعَدَدِ مَنْ لَمْ يُصَلِّ عَلَيْهِ وَصَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ كَمَا تُحِبُّ أَنْ يُصَلّٰى عَلَيْهِ

O Allah! Konke ukudumisa okwakho kuphela, kulingane nalaba abakudumisayo, futhi konke ukudumisa okwakho kulinganiswe kulaba abangakudumisi, konke ukudumisa okwakho ngendlela othanda ukudumiswa. O Allah! Thumela imikhonzo kumprofethi Muhammad (sallallahu alayhi wasallam) kulingane nalaba abathumela izikhonzo kuye, futhi uthumele izikhonzo kuye kulingane nalaba abangathumeli izikhonzo kuye futhi uthumele izikhonzo kuye ngedlela nawe othanda ukuthi izikhonzo zithunyelwe kuye.

Ngokuzwa lokudumisa kwaAllah neDurood engajwayelekile kwaImaam Tabraani, uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wamamatheka kwaze kwavela amazinyo akhe abusisekile nokukhanya kwavela phakathi kwamazinyo akhe.

Indlela Yokuziphatha EMadeenah Munawwarah

17. Thatha imali ozonikela ngayo kwabampofu eMadeenah Munawwarah.

18. Zama ukufunda iKuraan ephelele eMakkah Mukarramah neyodwa eMadinah Munawwarah

19. Zama ukuvakashela amathuna ase Jannatul Mu’alla eMakkah Mukarramah neJannatul Baqee eMadinah Munawwarah ngokuvamile. Yenza iDua ukuthi uAllah akubekele indawo eJannatul Baqee ukuthi uncwabelwe khona.

About admin

Check Also

IDurood KaShaykh Shibili (rahmatullah alayhi) Emvakwa Yonke ISalaah

UAllamah Sakhaawi ubika lendaba elandelayo. UAbu Bakr bin Muhammed (Rahimahullah) wathi: Ngenkathi ngihleli noShaykh Abu …