Isiprofethi SikaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) NgoHadrat Sa’d (radiyallahu anhu)

Isiprofethi SikaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) Mayelana Ukunqoba KwaHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) Imihlaba YaseQudusiyyah

Ngenkathi kuyisikhathi seHajjatul Wida (uhambo oluncwele lokugcina laRasullullah), uHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) waphathwa ukugula eMakkah Mukarramah wasaba ukuthi usezofa. Ngenkathi kufika URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ezomvakashela, waqala wakhala. URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi kuye, “yini ekukhalisayo? UHadrat Sa’d waphendula wathi,” Ngiyesaba ukuthi ngizoshonela kude kunala engenzela khona iHijrah (ukuthutha okungcwele) futhi ngokushona kwa la ngizolahlekelwa isibusiso sami seHijrah.
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase enzela uHadrat Sa’d leDu’a elandelayo yokuthi alulame kathathu, O Allah! Melaphe uHadrat Sa’d (radiyallahu anhu)! “
UHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) wase ebuza uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ethi, ” O Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) nginomcebo omkhulu kodwa nginendodakazi eyodwa futhi nayo icebile. Nginalo ilungelo lokunikela ngawo wonke umcebo wami endleleni kaAllah (emva kokushona kwami)?” URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waphendula wathi, “Cha”.
UHadrat Sa’d waphinde wabuza futhi, “Nginga kwazi ukunikela ngezinxenye ezimbili (emvakokuthi ngishone)?” URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Cha”.
UHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) waphinda wacela ukuthi anganikela ngohafu womcebo wakhe, uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waphinda waphendula ngokungavumi.
Ekugcineni, uHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) wase ecela uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ukuthi anganikela yini ngenxenye encane yomcebo wakhe emva kokushona kwakhe. URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waphendula wathi, “(Yebo unganikela ngenxenye encane) kodwa futhi nayo leyo ngxenye inkulu. Ngempela konke onikela ngakho emcebeni wakho kuwumnikelo. Kodwa noma okuphi onikeza abancike kuwe nakho kuyobalwa njengomnikelo. Konke okusetshenziswa umkakho kuwumnikelo futhi ukushiya umndeni wakho ucebile kuncono kuno kuthi ubashiye bekhongoza (behluphek).”
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ethi kuHadrat Sa’d (radiyallahu anhu), “Usazophila ngempela kuze kuzuze abantu abaningi kuwe futhi baningi abayo limala ngawe.”
Abanye ababhali beHadeeth bathi lesiprofethi sikaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) sasimayelana ukunqoba kwakhe Imihlaba YaseQudusiyyah lapho kwazuza amaMuslim amaningi futhi kwalimala amaKuffar.

About admin

Check Also

Izindaba Ezinhle Ngokungena KwaHadrat Sa’d bin Abi Waqqaas (radiyallahu anhu) EJannah

Iphupho LaHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) Ngaphambili Kokuthi Amukele iIslaam UHadrat Sa’d ulandisa uthi: Ngaphambili kokuthi …