11. usuqalile iSalaah yakho, yisho iSana ngezwi eliphansi kakhulu:
سُبْحَانَكَ اللّٰهُمَّ وَبِحَمْدِكَ وَتَبَارَكَ اسْمُكَ وَتَعَالٰى جَدُّكَ وَلَا اِلٰهَ غَيْرُكَ
Ukubamsulwa okwakho O Allah! Ukudumiswa okwakho, libusisekile igama lakho, ubukhosi bakho buphakeme futhi akekho omunye unkulunkulu ngaphandle kwakho.
Isaziso: iSana izofundwa ngumuntu oyiMunfarid (umuntu owenza iSalaah yedwa) futhi neMuqtadi (umuntu owenza iSalaah elandela iImaam).
12. Yisho iTa’awuuz neTasmiyah ngezwi eliphansi kakhulu.
ITa’awuuz ukuthi
أَعُوْذُ بِاللهِ مِنَ الشَّيْطَانِ الرَّجِيْم
O Allah ngicela ungivikela kuShaytaan oqalekisiwe.
ITasmiyah ukuthi :
بِسْمِ اللهِ الرَّحْمٰنِ الرَّحِيْم
Egameni likaAllah onomusa onesihawu.
13. Emva kokufunda iSana, iTa’awuuz neTasmiyah ngezwi eliphansi qalisa ngokusho iSurah Fatiha ulandele ngesurah noma eyiphi ingxenye yeKuraan ebusisekile.