Ilobolo ElikaHadrat Aadam (alayhisallaam)

UShaikh Abdul Haq Dehlawi (Rahimahullah) ubhala ebhukwini ekuthiwa i’Madaarijun Nubuwwah” ukuthi ngenkathi kudalwa uHadrat Hawwa (alayhasallaam), uHadrat Aadam wafuna ukukhipha isandla sakhe ukuthi amthinte. Izingelosi zathi kuye, “Bekezela kuze kwenziwe umshado ubese umnika ilobolo lakhe.” UHadrat Aadam wabuza, “Okuphi okuzoba ilobolo?” Izingelosi zaphendula zathi, “Ukusho iDurood KuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).” (ngokwenye ingxoxo, ilobolo kade kuwukusho iDurood ewu (20) kuHazrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam).

Inkondlo KaHadrat Qari Siddeeq Ahmad Bandwi

Ngifisa engathi iMadeenah kade kuyikhaya lami futhi ngibe nengadi encane ezingadini ZaseMadeenah.

Ngifisa engathi nginga chitha impilo yami endaweni yaseMadeenah la ngizohlala khona ngife khona ngincwatshwe khona.

Ngifisa ukuthi kade nginezimpapho, bengizo ndiza ngiye eMadeenah futhi nginesifiso sokuthi ngibe nesidleke engadini yakhona.

Iso isifiso sami, ukuthi umzimba wami uhlanganiswe nomhlaba wasemathuneni aseBaqee.

About admin

Check Also

Ukusho IDurood Kuletha Intethelelo KaAllah

UShaykh Ibnu Hajar Makki ubika ukuthi enye inceku yabonakala ephupheni emvakokuthi ishone. Yase ibuzwa ngesimo …