Iithemba Elikhulu LikaHadrat Ali (radiyallahu anhu) Esithembisweni SikaAllah
Kubikiwe ukuthi ngelinye ilanga kwafika isincebi kuHadrat Ali (radiyallahu anhu) sacela kuye. UHadrat Ali (radiyallahu anhu) wase ebhekise ebafaneni bakhe phakathi kwaHadrat Hassan noma uHussain (radiyallahu anhu), wase ethi kuye, “hamba uye kumawakho uthi kuye,’kade ngikunike amaDirham awu(6) (imali), ngicela unginike elilodwa (ukuze ngizonika lesincebi).”‘
Indodadana yahamba yafika kumawayo, uHadrat Fathima (radiyallahu anha), yase ibuya nomyalezo olandelayo. Wathi kubaba wakhe, “Uma uthe umnike leyomali ukuze athenge ufulawa.” Ngokuzwa lokhu uHadrat Ali (radiyallahu anhu) wathi, “IImaan yesigqila angeke ibe iqiniso futhi iphelele singakobeki ithemba eliphelele kulokho okuse zandleni zikaAllah kunalokho okuse zandleni zaso (kuchaza ukuthi kumele umuntu abeke ithemba eliphelele ezithembisweni zikaAllah ngokunikela, uyobusiswa ngesenzo sokunikela akumele abambezele ngenxa yokusaba ukuhlupheka).
UHadrat Ali (radiyallahu anhu) wase ethi endodaneni yakhe, “Hamba uye kumawakho, umtshele ukuthi anginike yonke leyomali (ukuze ngizonika lesincebi).” Wase wahamba umfana wabuya nemali, uHadrat Ali (radiyallahu anhu) wathatha yonke imali wayinikeza isincebi.
Kungakapheli isikhathi eside, kwadlula umuntu odayisa ikamela lakhe, uHadrat Ali (radiyallahu anhu) wase embuza ukuthi, “Ngabe ulidayisa ngamalini?” Waphendula wathi, “Ngilidayisa ngamaDirham awu (140), uHadrat Ali (radiyallahu anhu) wase elithenga kuye. Wathi,”Bophela leliKamela la sizokukhokhela kamuva.” Lomuntu wase elibopha wahamba.
Kwase kudlula omunye umuntu ebona iKamela wabuza ukuthi, “ubani umnikazi waleliKamela?” UHadrat Ali (radiyallahu anhu) wase ethi, “Elami.” Wabuza ukuthi “ulidayisa ngamalini.” Waphendula wathi ngilidayisa ngamaDirham awu (200).” Lomuntu wajabulels inani wase wavuma ukulithenga base baqedela ukudayiselana. Wase ethi kuye,” Ngiyalithenga kuwe.”wase enika uHadrat Ali (radiyallahu anhu) amaDirham awu (200), wathatha ikamela wahamba.
UHadrat Ali (radiyallahu anhu) wase ehamba eya kulomuntu athenge kuye ikamela wamkhokhela amaDirham angu (140) wabuyela kumkakhe nenzuzo yamaDirham awu (60) (wase emnika yona).
Ngenkathi uHadrat Fathima (radiyallahu anha) ebona amaDirham awu (60) wabuza ethi, “Yini le? Iqhamukaphi lemali?” UHadrat Ali (radiyallahu anhu) waphendula wathi, “Lokhu yizithembiso zikaAllah, ezisuka emazweni abusisekile kaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) alandelayo :
UHadrat Ali (radiyallahu anhu) wase esho leliVesi elilandelayo :
من جاء بالحسنة فله عشر أمثالها
Umuntu oletha isenzo esihle esinye uAllah uzomphinda phinda ngomvuza waso kashumi (ngalesenzo asenzile).
Ngamanye amazwi uHadrat Ali (radiyallahu anhu) wachazela uHadrat Fathima (radiyallahu anha) ukuthi unikele ngamaDirham awu (6), uAllah wambusisa ngesisbusiso esiphinda phindwe kashumi manje kade senamaDirhama awu (60).