UAllamah Sakhaawi ubika lendaba elandelayo. UAbu Bakr bin Muhammed (Rahimahullah) wathi:
Ngenkathi ngihleli noShaykh Abu Bakr bin Mujaahid (rahmatullah alayhi) kanti ngalesosikhathi kuqhamuke uShaykh Shibili (rahmatullah alayhi),uAbu Bakr bin Mujaahid aphakame lakade ehleli khona, wasondela phambili, wamamukela wase emqabula esiphongweni emkhombisa Inhlonipho. Ngase ngimbuza, “Kungani ukhombisa uShaykh Shibili inhlonipho engaka kepha wena namaUlama (izifundiswa) zaseBaghdaad zinombono wokuthi akaphilile ekhanda?” UAbu Bakr bin Mujaahid waphendula wathi, “Ngenze lokhu engabona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ekwenza kuye.”
Wase esho leliphupho elilandelayo: Ngabona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ephupheni kwase kuqhamuka uShaykh Shibili (rahmatullah alayhi). URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wasukuma wamqabula esiphongweni. Ngase ngibuza isizathu sale nhlonipho enkula kangaka. URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waphendula wathi, “Emva kwawonke amaSalaah, lomuntu usho leli vesi elilandelayo :
لَقَدۡ جَآءَکُمۡ رَسُوۡلٌ مِّنۡ اَنۡفُسِکُمۡ عَزِیۡزٌ عَلَیه مَا عَنِتُّمۡ حَرِیۡصٌ عَلَیۡکُمۡ بِالۡمُؤۡمِنِیۡنَ رَءُوۡفٌ رَّحِیۡمٌ ﴿۱۲۸﴾
Ngempela isithunywa sifikile kunina esisuka phakathi kwenu, kumlethela izinhlungu uma nicindezelekile futhi nihlangabezana nobunzima. Ukhathazekile ngokuthi nihlale kahle, ugcwele umusa nesihawo.
Emvakwalokho ujwayele ukusho leDurood elandelayo.
صَلّٰى اللهُ عَلَيْكَ يَا مُحَمَّد صَلّٰى اللهُ عَلَيْكَ يَا مُحَمَّد صَلّٰى اللهُ عَلَيْكَ يَا مُحَمَّد
UHadrat Abu Bakr (rahmatullah alayhi) uqhubeka uthi: Emvakoku bona leliphupho, ngahlangana noShibili (rahmatullah) ngase ngimbuza, “Eyiphi leDurood oyisho kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) emva kweSalaah?” ngenkathi engitshela leDurood ngase ngibona ukuthi yiyo leDurood ekade ngiyzwile ephupheni.
AmaSunnat Nendlela Yokuziphatha EMadeenah Munawwarah
4. AmaUlama (abafundisi) bethu bathi kuncono ukuthi ufunde iSurah Kawsar kawu(1000) ngaphambili kokuthi ungene eMadina Munawwarah futhi uthumele isibusiso kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam). Lokhu khombisa ukuthi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam).
5. Kumele unikele ngaphambili kokuthi uye ethuneni likaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)
6. Emvakokungena eMasjid yenza amaRakaat amabili eTahiyayatul Musjid, ucele intethelelo emvakwalokho uthumela uqhubeke udlulise iSalaam KuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam). Kuncono ukuthi usho iDurood emfishane oyaziyo kunokuthi ufunde ebhukwini.