Kubikiwe kusuka kuHazrat Abdullah bin Mas’ood (radiyallahu anhu) ukuthi wathi: “Nakekela amaSalaah akho awu (5) ngokuwenza endaweni lakwenziwa khona iAzaan (kuchaza ukuthi eMasjid). Ngoba ngempela ukwenza lamaSalaah (ayimpoqo) eMasjid kusuka kumaSunan-e-Huda (izenzo ezobhaliwe kwiIslaam). UAllah uqokele umprofethi wakhe amaSunan-e-Huda (izenzo zeIslaam eziyisqondiso kuwe). Empilweni kaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) akekho okade eyekela ukwenza iSalaah ngokuhlanga eMasjid ngaphandle komzenzisi owaziwayo, kuzikufike ekutheni ngisho nomuntu ogulayo bengasali emuva umakwenziwa iSalaah eMasjid. Kunalokho, kade ethathwa ahambiswe eMasjid ebeke izandla zakhe emahlombeni abantu ababili. Wonke umuntu phakathi kwenu unendawo ekhethekile endlini yakhe la enzela khona iSalaah eyiNafil (isalaah yokuzenzela ngokwakho). Kodwa uma nizoqalisa ukwenza amaSalaah enu ayimpoqo ezindlini niyekele ukuyenza ngokwebandla eMasjid. Niyobe niyekele iSunnah egcizeleliwe kaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), uma niqala niyekela iSunnah ebusisekile nizolahleka.
Kubikiwe ukuthi khona umuntu owabuza uHadrat Abdullah bin Abbaas (radiallahu anhu), “Sinjani isimo somuntu owenza ukuzila okuyiNafil emini enze amaSalaah ayiNafil ebusuku bonke, kodwa akahambi aye eMasjid ukuyowenza iSalaah nebandla futhi akayi kwiJumuah?” UHadrat Abdullah bin Abbaas (radiyallahu anhu) waphendula wathi, “Lowo muntu uzongena esihogweni.”