IDurood Yokuphepha – IDurood Tunjeena

UHadrat Moosa Zareer (rahmatullah alayhi) kade eyinceku engcwele kakhulu. Wake walandisa ngalendaba elandelayo ewake wadlula kuyo, uthi:
Ngelinye ilanga nginohambo ngigibele umkhumbi okade kusondele ukuthi ucwile. Ngalesosikhathi ngavele ngaphatwa ubuthongo. Ngabona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase engifundisa leDurood elandelayo wase ethi kumina angiyaleze abagibeli ukuthi basho leDurood kawu(1000). Abagibeli baqala basho iDurood, bengakafiki kumaDurood awu(300), yonke into yabuyela esimweni futhi umkhumbi wasinda. Konke lokhu kade kungenxa yaleDurood engafundiswa uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)

اللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى سَيِّدِنَا مُحَمَّدٍ وَّعَلٰى آلِ سَيِّدِنَا مُحَمَّدٍ صَلٰوةً تُنْجِيْنَا بِهَا مِنْ جَمِيْعِ الْأَهْوَالِ وَالْآفَاتِ وَتَقْضِيْ لَنَا بِهَا جَمِيْعَ الْحَاجَاتِ وَتُطَهِّرُنَا بِهَا مِنْ جَمِيْعِ السَّيِئَاتِ وَتَرْفَعُنَا بِهَا عِنْدَكَ أَعْلٰى الدَّرَجَاتِ وَتُبَلِّغُنَا بِهَا أَقْصٰى الْغَايَاتِ مِنْ جَمِيْعِ الْخَيْرَاتِ فِيْ الْحَيٰوةِ وَبَعْدَ الْمَمَاتِ (إِنَّكَ عَلٰى كُلِّ شَيْئٍ قَدِيْرٌ)

O Allah, nikeza uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) umusa wakho okhethekile nomdeni wakhe, umusa ongangikuthi uyosivikela sonke ezehlakalweni nasemabhadini futhi oyoba indlela yokugcwalisela zonke izidingo zethu futhi usihlanze konke okubi nezono, futhi oyosikhuphula ezikhundleni eziphezulu kuwe (kwelizayo).

AmaSunnat Nendlela Yokuziphatha EMadeenah Munawwarah

7. Funda u اِنَّ اللهَ وَمَلَائِكَتَهُ يُصَلُّوْنَ عَلَى النَّبِي bese ufunda الصَّلَوةُ والسَّلَامُ عَلَيْكَ يَا رَسُوْلَ اللهِ kawu (70) ube usucela intethelelo ngalamazwi:

 يَا رَسُوْلَ اللهِ أَسْأَلُكَ الشَّفَاعَةَ وَأَتَوَسَّلُ بِكَ إِلٰى اللهِ فِيْ أَنْ أَمُوْتَ مُسْلِمًا عَلٰى مِلَّتِكَ وَسُنَّتِكَ

O Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ngicela ungikhulumela ngosuku lokwahlulela futhi ngicela uAllah egameni lakho ukuthi ngishone ngiyiMuslim enkolweni yakho nasendleleni yakho

8. Ubese udlulisa izikhonzo zabantu abakuthumile ukuthi ubakhonzele

Ngalamazwi اَلسَّلَامُ عَلَيْكَ يَا رَسُوْلَ اللهِ مِنْ جَمِيْعِ مَنْ أَوْصَانِيْ بِالسَّلَامِ عَلَيْكَ (ukuthula kube kuwe o mprofethi kusuka kuwo wonke amaMuslim angicele ukuthi ngikhonze.)

About admin

Check Also

Enye IDurood Ekhethekile KaImaam Shaafi’ee (rahmatullah alayhi) 

Ebhukwini ekuthiwa iRawdatul Ahbaab uImaam Ismaeel bin Ebrahim Muzani (umfundi odumile kaImaam Shafiee) ubika uthi …