Isexwayiso Ngokusho AmaHadeeth Asuka KuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) UHadrat Abdullah bin Zubayr (radiyallahu anhu) ubika ukuthi wake wabuza ubaba wakhe, uHadrat Zubayr (radiyallahu anhu), “Kungani ungawasho amaHadeeth aRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) njengamanye amaSahaabah (radiyallahu anhum) ewasho?” UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) waphendula ethi, “Angisukanga eceleni kwaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) selokhu ngamukela …
Read More »Yearly Archives: 2025
Umdali Wamazwe Wonke
رَبِّ الۡعٰلَمِیۡنَ Umdali wamazwe wonke. Leligama elithi ‘رب’ lichaza ukuthi lowo odala yonke indalo, ayondle aphinde ayidlulise emazingeni ahlukile ize iphelele. Siyabona ukuthi lesibaluli esika ‘رب’ sikhethekile kuAllah kuphela futhi akhekho onengxenye kuso. Leligama elithi “علمين” (amazwe) liqonda ukuthi amazwe ahlukene lawa adalwa uAllah. Izwe elilodwa ileli esihlala kulo. Lelizwe …
Read More »Into Eyenzeka kuShaykh Abul Khayr Aktaa (rahmatullah alayhi)
UShaykh Abul Khayr Aktaa (rahmatullah alayhi) uthi: Ngenkathi ngifika eMadina Tayyibah ngahlala izinsuku eziwu (5), ngahlangabezana nokuhlupheka nobunzima. Ngase ngiya ethuneni elibusisekile laRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ngamubingelela futhi ngase ngiya ethuneni laAbu Bakr noUmar (radiyallahu anhu), ngase ngithi kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), O Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam)!, namhlanje ngifisa ukuba …
Read More »Ka’dah (ukuhlala) nokwenza iSalaam
1. Emva kokwenza iSajdah yesbili yeRakaat lesibili, hlala kwiKa’dah njengoba besichazile kwiJalsa. 2. Usho iTashahud. اَلتَّحِيَّاتُ لِلّٰهِ وَالصَّلَوَاتُ وَالطَّيِّبَاتُ اَلسَّلَامُ عَلَيْكَ أَيُّهَا النَّبِيُّ وَرَحْمَةُ اللهِ وَبَرَكَاتُهُ اَلسَّلَامُ عَلَيْنَا وَعَلٰى عِبَادِ اللهِ الصَّالِحِيْن أشْهَدُ أنْ لَّا إلٰهَ إلَّا اللهُ وَأشْهَدُ أنَّ مُحَمَّدًا عَبْدُهُ وَرَسُوْلُهُ Konke ukukhonza kolimi, okomzimba, okwemali okwaAllah kuphela. …
Read More »Umsizi Okhethekile KaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)
Ukuthola Igama Elithi “Msizi Okhethekile” KaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) Ngenkathi kuyimpi eyaqanjwa ngeAhzaab, lempi iphinde ibizwe ngempi yaseKhandaq (impi yomsela), amaMuslim athola ulwazi lokuthi iqembu leBanu Kurayzah liphule isithembiso sokubambisana noRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) bazibandakanya nezitha. Ukuze uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) abe nesiqiniseko salolwazi alitholile wabuza amaSahaabah (radiallahu anhum), “Ubani …
Read More »Ukudumisa UAllah
اَلۡحَمۡدُ لله Konke ukudumiswa okwaAllah LeSurah (isahluko) iqala ngamazwi athi “الحمد لله” (konke ukudumiswa okwaAllah), okukhombisa ukuthi konke ukuduniyswa kungo kwaAllah yedwa. Umuntu odumisa enye into edaliwe emhlabeni ekugcineni usuke edumisa umdali wazo zonke izinto – uAllah, ngoba uma uthanda into eyakhiwe kuchaza ukuthi uthanda umakhi wayo. Ngakho-ke, uma udumisa …
Read More »Ukuthuthumala Kwentaba Ekuthiwa IHiraa Ngenxa Yenjabulo
Amanxeba Endleleni KaAllah Ta’ala UHafs bin Khallaad ubika ukuthi elinye ikhehla elafika eMowsil lambikela lokhu okulandelayo: Ngake ngahamba noZubayr (radiyallahu anhu) kweminye yohambo lakhe. Ngenkathi sisendleleni safika endaweni evulekile engenalutho, uHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) wadinga ukuthi ageze ukugeza okuyimpoqo. Wase ethi kuye ngifihle (ngendwangu ukuze ngingabonwa abantu ngifuna ukugeza).” Ngase …
Read More »Indaba KaHadrat Ebrahim bin Khawaas
Kubikiwe encwadini ekuthiwa i”Nuzhatul Basateen” ukuthi uEbrahim bin Khawaas (rahmatullah alayhi) uthi: Ngelinye ilanga ngisendleni ngenza uhambo, ngonyelwa amanzi ngaze ngaquleka. Ngenkathi ngilele phansi, ngezwa umuntu engithela ngamanzi ebusweni bami. Ngenkathi ngivula amehlo ami, ngabona umlisa ogqoke kahle egibele ihhashi eduze kwami. Wase enginika amanzi ukuthi ngiphuze wase engicela ukuthi …
Read More »Ubuhlakanipha Bokusho UBismillah
Ukuvikeleka Ezinhlungwini Zokufa Ngenxa Yokusho IDurood Eningi
Encwadini ekuthiwa iNuzhatul Majaalis kubhalwe lendaba elandelayo: Ngelinye ilanga khona umuntu owahamba eyovakashela umuntu ogulayo esezophefumulu okokugcina. Wase ebuza lomuntu ofayo, “Uzizwa kanjani izinhlungu zokufa ngaphambili kokuthi ufe?“ Waphendula wathi,” Angizizwa ngisezinhlungwini neze, ngezwa abafundisi Bethi umuntu osho iDurood kakhulu kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) uzovikeleka ezinhlungwini zokufa ngesikhathi sokufa.”
Read More »