Ukuthemba kwaHadrat Umar (radiyallahu anhu), UHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu)

Ukuthemba KwaHadrat Umar (radiyallahu anhu), UHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu)

UHadrat Umar (radiyallahu anhu) wake wafika emnceleni yaseShaam (esiriya) watshelwa ukuthi kunokugula okuyingozi okusabalele kuhlasela abantu baseSirya.

UHadrat Umar (radiyallahu anhu) wathi, “Uma ukufa kuza kimi uHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) esaphila, ngizoqoka yena ukuthi abe ngumholi olandelayo emvakwami, uma uAllah engase angibuze ukuthi kungani ngenze uHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) umholi wokuphatha amaMuslim?’ ngizothi kuAllah, isizathu sokwenza njalo ukuthi ngezwa umprofethi (sallallahu alayhi wasallam) ethi, ‘sonke isithunywa sinomlandeli oyisthenjwa okhethekile, umlandeli wami okhethekile nothembekile (walesizwe) uHadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu).”‘

Kubikiwe ukuthi ngenkathi uHadrat Umar (radiyallahu anhu) esezoshona, wahlanganisa iqembu lamaSahaabah awu (6) wase ewatshela ukuthi abanqume ukuthi ubani ozoba umholi olandelayo phakathi kwabo. Ngalesosikhathi, uHadrat Umar (radiyallahu anhu) wase ethi, ‘Ukube uHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) usaphila namhlanje bengizoqoka yena ukuthi abe ngumholi olandelayo (wamaMuslim).

About admin

Check Also

Izindaba Ezinhle Ezokungena EJannah EzaHadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu)

Isifiso SikaHadrat Umar (radiyallahu anhu) Ukuthi Abusiswe Ngegumbi Eligcwele Abantu Abanjengo Hadrat Abu Ubaydah bin …