Incazelo Yenxgenye Yokuqala (uwena kuphela esimkhonzayo)

Njengoba kuchaziwe phambilini, ukuthi igama elithi “Ibaadah” lichaza ukuzithoba kakhulu ngokukhombisa uthando nenhlonipho. Kusobala ukuthi lokuzithoba akufanelwe omunye umuntu ngaphandle kwaAllah.

Ngokufanele, uma ukhombisa noma ubani ukuzithoba kwalenhlobo futhi uthobele umthetho wakhe ngokuphula umthetho kaAllah lokho kuzothathwa njengeShirk (ukuhlanganisa ukukhonza uAllah nomunye umuntu).

Kulokhu sithola ulwa lokuthi iShirk (ukuhlanganisa ukukhonza uAllah nezinye izinto) akugcinile ngezenzo zokukhonza kuphela futhi nokukhonza izithixo njengoba kwenziwa abazikhonzayo kodwa lokhu kuyenzeka ngokuthobela umthetho, ukuhlonipha nokuthanda umuntu kuze kufike ezingeni elibekelwe uAllah kuphela.

KwiKuraan uAllah ukhuluma ngamaJuda namKhresto nezenzi ezeShirk ekade bezibandakaye ngazo ngokuthobela umthetho nokudumisa abafundisi ekupheleni umthetho kaAllah. UAllah uthi :

اتخذوا احبارهم و رهبانهم اربابا من دون الله

Bathathe abafundisi babo nezinceku zabo njengo nkulunkulu bashiya uAllah..

UHadrat Adiyy bin Haatim (radiyallahu anhu) okade eyiSahabi elikaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) owake waba umkresto ngaphambili kokuthi amukele iIslaam. Ngelinye ilanga wafika kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wabuza ethi, “O Rasullullah! Kungani ukuthi iKuraan igxeke amakresto ukuthi athathe abafundisi babo njengo nkulunkulu kepha bona abakaze bazisole ngokwenza iShirk yokubakhonza?”

URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waphenduka wambuza ethi, “kuyiqiniso yini ukuthi ngenkathi abafundisi babo bethi izinto ezithile azivumelekile nomangabe uAllah ethi zivumelekile futhi bavumela izinto ezithile kepha uAllah eshilo ukuthi azivumelekile, base belalela abafundisi babo bashiya umthetho kaAllah?”

UHadrat Adiyy bin Haatim (radiyallahu anhu) wavuma ukuthi kuyiqiniso. Lapho-ke uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi,”Loku kuyindlela ekade bekhonza ngayo abafundisi babo.”

Lokhu kukhombisa ukuthi uAllah kuphela onelungelo lokukhipha isinqumo sokuthi yini ehalaal (evumile) futhi yini engavumelekile. Uma kukhona umuntu okholelwa ukuthi kukhona onelungelo elokumemezela ukuthi izinto zivumelekile futhi ezinye azivumelekile lomuntu uyobe enze iShirk ngoba uyobe elinganise uAllah nomunye umuntu futhi enikeza omunye umuntu ilungelo laAllah elokumemezela izinto ezivumelekile nezingavumelekile ngalendlela kuyafana nokuthi uyamkhonza lowomuntu.

About admin

Check Also

Incazelo Yengxenye Yesibili (Isuka Ku-Uwe kuphela esicela usizo)

Ingxenye yesibili yaleli vesi iyisimemezelo somuntu obeka ithemba lakhe kuAllah kuphela. ukungabeki ithemba kunoma iyiphi …