Incazelo Yenxgenye Yokuqala (uwena kuphela esimkhonzayo)

Njengoba kuchaziwe phambilini, ukuthi igama elithi “Ibaadah” lichaza ukuzithoba kakhulu ngokukhombisa uthando nenhlonipho. Kusobala ukuthi lokuzithoba akufanelwe omunye umuntu ngaphandle kwaAllah.

Ngokufanele, uma ukhombisa noma ubani ukuzithoba kwalenhlobo futhi uthobele umthetho wakhe ngokuphula umthetho kaAllah lokho kuzothathwa njengeShirk (ukuhlanganisa ukukhonza uAllah nomunye umuntu).

Kulokhu sithola ulwa lokuthi iShirk (ukuhlanganisa ukukhonza uAllah nezinye izinto) akugcinile ngezenzo zokukhonza kuphela futhi nokukhonza izithixo njengoba kwenziwa abazikhonzayo kodwa lokhu kuyenzeka ngokuthobela umthetho, ukuhlonipha nokuthanda umuntu kuze kufike ezingeni elibekelwe uAllah kuphela.

KwiKuraan uAllah ukhuluma ngamaJuda namKhresto nezenzi ezeShirk ekade bezibandakaye ngazo ngokuthobela umthetho nokudumisa abafundisi ekupheleni umthetho kaAllah. UAllah uthi :

اتخذوا احبارهم و رهبانهم اربابا من دون الله

Bathathe abafundisi babo nezinceku zabo njengo nkulunkulu bashiya uAllah..

About admin

Check Also

Isimo Salana Emhlabeni Umasiqhathaniswa Nesimo Sakwelizayo

UAllah wadala umhlaba ukuthi kube indawo yokwenza izenzo wase futhi wadala umhlaba wakwelizayo ukuze umuntu …