Izenzo Ezika Hadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu) Zihambiselana NeKuraan

Izenzo Ezika Hadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu) Zihambiselana NeKuraan

Ngenkathi kuyimpi yaseBadr, ubaba kaAbu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu) kade ehamba emfuna (uAbu Ubaydah) efisa ukumbulala kodwa yena kade ezama ukumgwema ubaba wakhe ukuze angabhekani naye khona ezombulala.
Kepha-ke ngenkathi ubaba wakhe ephikelela waze wagcina ebhekana naye kwagcina sekungekho enye indlela ngaphandle kokuthi ambulale, wahamaba phambili wambulala.
Kungalesosikathi uAllah wethula lelivesi elilandelayo :

لَّا تَجِدُ قَوْمًا يُؤْمِنُونَ بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ يُوَادُّونَ مَنْ حَادَّ اللَّهَ وَرَسُولَهُ وَلَوْ كَانُوا آبَاءَهُمْ أَوْ أَبْنَاءَهُمْ أَوْ إِخْوَانَهُمْ أَوْ عَشِيرَتَهُمْ

“Angeke uthole abakholelwa kuAllah nosuku elokugcina benothando labantu abaphikisa uAllah nesithunywa sakhe, noma ngabe labantu obaba babo, amadodane abo, obhuthi babo noma abantu besizwe sabo.”

About admin

Check Also

URasulullah (sallallahu alayhi laihi wasallam) Ekhombisa IUmmah Isikhundla Esihloniphekile SikaHazrat Abu Ubaydah (radhiyallahu ‘anhu)

URasulullah (sallallahu ‘alayhi wasallam) wake wahlala noHazrat Abu Bakr (radhiyallahu ‘anhu), uHazrat Umar (radhiyallahu ‘anhu), …