UHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) Ubalwe Phakathi Kwaba Lungile Kakhulu

Umusa Nokuziqhelisa (ezintweni zasemhlabeni) kwa Hadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu)

Ngelinye ilanga, uHadrat Umar (radiyallahu anhu) wathatha imali yegolide ewu (400) wase etshela isigqila sakhe ethi, “Hamba uye kuAbu Ubaydah (radiyallahu anhu) umnike lemali. Emvakwalokho, ulinde lapho ukuze uzobona ukuthi wenza njani ngayo leyomali (ubuye uzongazisa).”

Isigqila sathatha iskhwama semali sahamba safika kuHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu). Waminka imali ethi,”Ameer-ul-mu’mineen uthi sebenzisa lemali ukuthi ufeze izidingo zakho.”

UHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) wasamukela isipho wase enzela uHadrat Umar (radiyallahu anhu) iDua ethi, “Engathi uAllah angamnika ukusondela okukhethekile futhi abenomusa kuye.”

Emvakwalokho wase ebiza isigqila sakhe sentombazane wakhipha enye yemali yegolide esikhwameni ethi, “Thathe lemali yegolide ewu (7) uyinike isbani bani futhi uyinike nosbani bani.” waphinda futhi wakhipha enye imali ethi, “Thatha lemali yegolide ewu (5) uyinike usbani bani.” waqhubeka wakhipha imali eyinika isigqila sakhe sentombazane eyitshela ukuthi ayinike labantu abahlukene kwaze kwaphela yonke imali esikhwameni.

Ngenkathi uHadrat Umar (radiyallahu anhu) ezwa ngokuthi uHadrat Abu Ubaydah (radiyallahu anhu) uyasebenzise kanjani imali endleleni kaAllah, wajabula kakhulu.

 

About admin

Check Also

Umphatheli Okhethekile Walesizwe

Ukuthembeka Okukhulu KwaHadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu) Emvakokuthi abantu baseNajraan bamukele iIslaam, bafika …