UKamaal Ad-Dameeri (rahmatullah alayhi) ubika ebhukwini ekuthiwa iSharhul-Minhaaj ukuthi uShaykh Abu Abdilllah bin Nu’maan wabusiswa ngokubona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ephupheni lakhe kawu (100). Ephupheni lakhe lokugcina la wabona khona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), wabuza, “O Sithunywa sikaAllah (sallallahu alayhi wasallam)! Eyiphi iDurood enhle kakhulu enginga yishk kuwe?”
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waphendula ngokumlayeza ukuthi akasho leDurood elandelayo:
اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى سَيِّدِنَا مُحَمَّدٍ الَّذِيْ مَلَأْتَ قَلْبَهُ مِنْ جَلَالِكَ وَعَيْنَهُ مِنْ جَمَالِكَ فَأَصْبَحَ فَرِحًا مَسْرُوْرًا مُؤَيَّدًا مَنْصُوْرًا
O Allah! Thumela imikhonzo kumpethe wethu, uMuhammed (sallallahu alayhi wasallam), lo inhliziyo yakhe igcwele ubukhulu bakho futhi amehlo akhe agcwele ubuhle bakho, wase ejabula, wamuhle, futhi wasizakala.
Indlela Yokuziphatha EMadeenah Munawwarah
- Yenze iDua kaHadrat Umar (radiyallahu anhu)
O Allah! Nginike ukufa endleleni yakho, futhi uvumele ukuthi ukufa kwami kube la edolobeni laRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).
- Uma useMasdeena Munawwarah funda ibooku leFazail e Hajj.
- Vakashela indawo yempi yase uhud ngolwesine lokhu kukhuthaziwe. Funda ingxenye yeKuraan uthumele izibusiso kulaba abafela eUhud.
- Vakashela iMasjid yaseQuba ngomgqibelo ngoba lokhu kukhuthaziwe. Kuhle ukuthi uhambe phansi noma ugibele.