Ubuhle Bewudhu

1. Iwudhu ihlambulula izono ezincane.

عن عثمان بن عفان رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من توضأ فأحسن الوضوء خرجت خطاياه من جسده حتى تخرج من تحت أظفاره (صحيح مسلم، الرقم: ٢٤٥)

UHadhrat Uthman (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alaih wasallam) wathi, “Lowo owenza iwudhu, futhi eyenza ngendlela efanele, izono zakhe (ezincane) ziyahlanjululwa emzimbeni kuphume ngisho ezingaphansi kwezinzipho.”

2. Iwudhu yenza izitho lezo ezithintekayo uma yenziwa zibe nokukhanya ngosuku lokuvuka (qiyaamah).

عن أبي هريرة رضي الله عنه أن رسول الله صلى الله عليه وسلم أتى المقبرة فقال السلام عليكم دار قوم مؤمنين وإنا إن شاء الله بكم لاحقون وددت أنا قد رأينا إخواننا قالوا أولسنا إخوانك يا رسول الله قال أنتم أصحابي وإخواننا الذين لم يأتوا بعد قالوا كيف تعرف من لم يأت بعد من أمتك يا رسول الله قال أرأيت لو أن رجلا له خيل غر محجلة بين ظهري خيل دهم بهم ألا يعرف خيله قالوا بلى يا رسول الله قال فإنهم يأتون غرا محجلين من الوضوء وأنا فرطهم على الحوض (صحيح مسلم، الرقم: ٢٤٩)

UHadhrat Abu Hurayrah (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alaih wasallam) wake wathi engena emathuneni washo le du’a:

اَلسَّلَامُ عَلَيْكُمْ دَارَ قَوْمٍ مُّؤْمِنِيْنَ وَإِنَّا إِنْ شَاءَ اللهُ بِكُمْ لَاحِقُوْنَ

“Ukuthula makube kini O ! nina bahlali bendawo yokuphumula yamakholwa, sizobonana maduze insha Allaah (Inkosi ivuma).”

UNabi (sallallahu alaih wasallam) waqhubeka wathi, “Ngifisa ukube ngahlangana nabafowethu.” AmaSahaabah (sengathi uAllaah angagculiseka ngabo) ambuza. “O Rasulullah! Asibona yini abafowenu thina?” URasulullah (sallallahu alaih wasallam) waphendula wathi, “Ningabahamba nami (okusho ukuthi nidlula wonke umphakathi (ummah) wami ngesikhundla. Ningabafowethu kepha niphinde nibe nesibusiso sokuba ngabaphila nami). Abafowethu yilabo abangakafiki kulomhlaba (bazozalwa bafike kulomhlaba sengidlulile mina).” AmaSahaabah (sengathi uAllaah angagculiseka ngabo bonke) aphinda abuza,” O Rasulullah! Uyobabona ngani abalandeli bakho abazofika emuva kwakho na? Waphendula wathi, “Uma umuntu enamahhashe amnyama aneziphongo ezimhlophe namanqina amhlophe bese ehlanganiswa namahhashe amnyama sucu yonke indawo, angahluleka yini ukubona awakhe? Baphendula bathi,” Ngeke ahluleke ukuwabona O Rasulullah (sallallahu alaih wasallam) “URasulullah (sallallahu alaih wasallam) wathi, “Bayofika (abalandeli) ngosuku lokwahlulela neziphongo kanye nezinye izitho zikhanya ukukhanya kwekhethelo okudalwa yiwudhu yomkhuleko. Ngizobahola (ngibayisa kwelizayo) futhi ngibaphuzise amanzi womthombo we Kawthar.”

3. Ukuhlala unewudhu kuyinkomba yobuqotho bekholwa.

عن ثوبان قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم استقيموا ولن تحصوا واعلموا أن خير أعمالكم الصلاة ولا يحافظ على الوضوء إلا مؤمن (سنن ابن ماجة، الرقم: ٢٧٧)[1]

UHadhrat Thawbaan (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alaih wasallam) wathi, “Zamani ngazo zonke izindlela ukuba nobuqotho kwizinto zonke enizenzayo, yize ningeke nikwazi ukukwenza ngokuphelele. Khumbulani ukuthi isenzo esimqoka yiSalaah nokuqikelela ukugcinwa kwewudhu yinkomba yobuqotho bekholwa (okusho ukuthi ukwenza iwudhu ephelele nengenamaphutha futhi uhlale unewudhu ngaso sonke isikhathi).”

4. Lowo odlula emhlabeni enewudhu ubusiswa ngezinga lokuba umfeli-kholo.

عن أنس بن مالك رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم يا بني إن استطعت أن لا تزال على وضوء فإنه من يأتيه الموت وهو على وضوء يعطى الشهادة (مجمع الزوائد، الرقم: ١٤٧٠)[2]

UHadhrat Anas bin Maalik (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alaih wasallam) wathi,” Ndodana yami ethandekayo! Uma ukwazi ukuhlala newudhu kwenze, ngoba lowo odlula emhlabeni enewudhu ubusiswa ngezinga lokuba ngumfeli-kholo.”

5. Lowo owenza iwudhu ephelele uzivikela kusathane, ngokufana nalabo abaqapha imingcele ye Islam bavikela amaMuslim kwizitha ze Islam.

عن أبي هريرة رضي الله عنه أن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال ألا أدلكم على ما يمحو الله به الخطايا ويرفع به الدرجات قالوا بلى يا رسول الله قال إسباغ الوضوء على المكاره وكثرة الخطا إلى المساجد وانتظار الصلاة بعد الصلاة فذلكم الرباط (صحيح مسلم، الرقم: ٢٥١)

UHadhrat Abu Hurayrah (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alaih wasallam) wake wabuza amaSahaabah (radhiyallahu anhuma) wathi, “Nginganazisa yini izenzo ezenza uAllaah asule izono zenu futhi akhuphule izinga lenu na? Baphendula bathi,” Sazise O Mprofethi ka Allaah Ta’laa! URasulullah (sallallahu alaih wasallam) wathi, “Ukwenza iwudhu ephelele noma izimo zinzima, ukuhamba usheshe usiya eMasjid nokulinda umthandazo olandelayo uma uqeda omunye umthandazo. Lezi zenzo zifana nezalabo abaqapha imingcele ye Islam kwizitha ze Islam. (Ngalezi zenzo umuntu uzivikela kububi bomphefumulo nakusathane njengabaqaphi bokholo abavikela ama Muslim kwizitha ze Islam).”


[1] قال البوصيري في الزوائد (1/102): رجال إسناده ثقات أثبات إلا أن فيه انقطاعا بين سالم وثوبان ولكن أخرجه الدارمي وابن حبان في صحيحه من طريق ثوبان متصلا

[2] قال الهيثمي: رواه أبو يعلى والطبراني في الصغير وزاد يا بني إذا خرجت من بيتك فلا يقعن بصرك على أحد من أهل القبلة إلا ظننت أنه له الفضل عليك يا بني إن ذلك من سنتي ومن أحيا سنتي فقد أحبني ومن أحبني كان معي في الجنة وفيه محمد بن الحسن بن أبي يزيد وهو ضعيف

قال البوصيري في الإتحاف (الرقم: 540): علي بن زيد بن جدعان ضعيف لكن لم ينفرد به علي بن زيد فقد رواه أحمد بن منيع ثنا يؤيد أبنا العلاء أبو محمد الثقفي سمعت أنس بن مالك … فذكره وسيأتي لفظه في آخر كتاب المواعظ إن شاء الله روى الترمذي قطعة منه في الصلاة وأخرى في العلم من طريق علي بن زيد

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …