Monthly Archives: July 2021

Indlela Eyisunnah Yokwenza Iwudhu

1. Hlala endaweni ephakeme (isibonelo: isihlalo) ubheke eQiblah. Indawo owenzela kuyo iwudhu kufanele kube ehlanzekile.

UHadhrat Abu Khair (rahimahullah) ubika ukuthi kwalethelwa uHadhrat Ali (radhiyallahu ‘anhu) isihlalo, wahlala (ebabonisa indlela uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) ayenza ngayo iwudhu). Wacela ukuthi kulethwe isitsha (ujeke) esinamanzi. Waqala wageza izandla kathathu (wageza izandla kuze kufike ezihlakaleni kathathu).

Read More »

Ubuhle Bewudhu

1. Iwudhu ihlambulula izono ezincane.

UHadhrat Uthman (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alaih wasallam) wathi, "Lowo owenza iwudhu, futhi eyenza ngendlela efanele, izono zakhe (ezincane) ziyahlanjululwa emzimbeni kuphume ngisho ezingaphansi kwezinzipho."

Read More »

Imibuzo Ejwayelekile Eqondene Nokuzikhulula.

1. Umbuzo: Kuvumelekile yini ukufunda noma ukusebenzisa umakhalekhukhwini endlini encane? Impendulo: Indlu encane yeyokuzikhulula, ngakho – ke akuthandeki ukusebenzisa ucingo noma ukufunda khona.[1] 2. U: Kuvumelekile yini ukusebenzisa izingoje zokuchama zomphakathi ezitholakala emgaqweni? I: Akuvumelekile. Kufanele uzikhulule endaweni esesithe, uqosheme hayi umile.[2] 3. U: Ungalisebenzisa yini iphepha kuphela ku Istinjaa? …

Read More »