IQembu Elikhethekile Elithandwa UAllah

صراط الذين انعمت عليهم

 Indlela yalabo obenzele umusa (ngomusa wakho okhethekile)

Evesini elidlule, siyalwe ukuba sicele kuAllah ukuthi asinike isiqondiso endleleni eqondileyo. Kuleli vesi, uAllah usichazela ukuthi iyiphi indlela eqondile ye-Deen (yeIslaam) . UAllah uthi: “Indlela yalabo obenzele umusa (ngomusa wakho okhethekile).” Ngamanye amazwi, indlela eqondile ye-Deen iyindlela eyalandelwa ilabo abaye bathandwa futhi bakhethwe nguAllah. Kwelinye ivesi leKuraan Majeed, uAllah, ubala izigaba ezine zezinceku njengalezo azizuzele yena ngomusa wakhe okhethekile. Allah uthi:

وَ مَنۡ یُّطِعِ الله وَالرَّسُوۡلَ فَاُولٰٓئِکَ مَعَ الَّذِیۡنَ اَنۡعَمَ الله عَلَیۡهمۡ مِّنَ النَّبِیّينَ وَالصِّدِّیۡقِیۡنَ وَالشُّهدَاءِ وَالصّٰلِحِیۡنَ وَحَسُنَ اُولٰٓئِکَ رَفِیقا

Noma ubani olalela uAllah kanye nesthunywa sakhe, khona-ke (kwelizayo) bayoba phakathi kwalabo uAllah abenzele umusa (ngomusa Wakhe okhethekile) okungukuthi. Izithunywa, ama-Siddeeqeen (abaneqiniso) , abafel ‘ukholo kanye nezinceku ezilungile. Bheka ukuthi bahle kangakanani laba njenga bangane!

Kuzo zonke lezigaba ezine zezinceku ezikhethiwe, izithunywa yizona ezinkulu ngesikhundla, zilandelwa ama-Sideeqeen. Ama-sideeqeen yilabo abazuze ukuphelela okungokomoya we-Deen kanye nesimo sangaphakathi nesangaphandle sempilo yabo bahlala phezu kweqiniso baqhubeke nokwethembeka kuAllah. Okwesithathu ngesikhundla abafel’ ukholo – labo abadela ukuphila kwabo ngenxa yendaba ye-Deen , abesine endaweni ilaba abalungileyo izinceku zikaAllah.

About admin

Check Also

Ukufuna Isiqondiso kuAllah

اهدنا الصراط المستقيم Silawulele endleleni eqondile Kuleli vesi, kukhulunywe igama elithi “elisuka ku- amagama abhekisela …